UMETHULI wama-Idols SA, uProverb uveze ukuthi uhlabeke umxhwele ngendlela intsha yaKwaZulu-Natal ezimisele ngayo emculweni.
Ukusho lokhu ePlayhouse eThekwini izolo, ngesikhathi kuhlungwa abazongenela lo mqhudelwano.
Uthe intsha yakulesi sifundazwe kayiphoxi, uma kuza ngasemculweni njengoba ibizimisele kakhulu izolo.
“Intsha eza eThekwini iyazimisela. Esikuqaphelayo wukuthi iphuma ngobuningi uma kwenziwa inhlolokhono,” kusho yena.
Ngenxa yobuningi bentsha ebize kwinhlolokhono, kushaye ihora lesithathu izolo besangena ePlayhouse bebhalisa. Izolo bekuhlungwa abazongenela inhlolokhono.
U-Emmah Ngomane woMzansi Magic lapho kudlala khona ama-Idols SA, uthe izolo bekuthungathwa abangaba sethubeni lokuba kwinhlolokhono ezoba sePlayhouse ngoLwesithathu.
“Okusenzeka wukuthi intsha icula phambi kophrojusa bohlelo. Abebeculela ophrojusa abazovela ohlelweni. Ophrojusa basabheka abazokuba sethubeni lenhlolokhono yangoLwesithathu nabe-wooden mic.
Bonke okubonakala ukuthi bangaba nethuba lokuba semqhudelwaneni, bazothintwa ngoMsombuluko (kusasa), baziswe ukuthi bangenile kuwona. Kanti nabangaphumelelanga bazokwaziswa ukuthi abaphumelelanga. Okwamanje bonke abebezile abazazi ukuthi bangenile noma cha,” kusho * -Emmah.
NgoLwesithathu kuzobe sekunamajaji, kuzobe sekushuthwa iziqephu ezizovezwa kwithelevishini.
Iningi lentsha ebikhona ibuyele emakhaya inethemba lokuthi izobizelwa kwinhlolokhono.
Ngezikhathi zasekuseni izolo bekuphithizela ngaphandle kwasePlayhouse.
Amajaji akule sizini kusenguRandall Abrahams, Somizi Mhlongo no-Unathi Msengana. UPhat Joe uzoba yijaji elibambile kwinhlolokhono yaKwaZulu-Natal njengoba amajaji ezoshintshana ezifundazweni.