NAKUBA izinkundla zokuxhumana zibonakala ziyindlela yokuphila kulezi zikhathi zanamuhla kukuningi okuhlonyulwayo kuzona ngokolwazi kodwa muningi futhi umonakalo ezizowushiya entsheni osuqalile ukubonakala ezinganeni zesikole, kubika uTHEMBA NTSHINGILA
Kodwa muva nje inhlangano ebhekele inhlalakahle yezingane i-United Nations Children’s Fund, ithi ukusetshenziswa kwezinkundla zokuxhumana yintsha eyizingane zesikole kuzodala omkhulu umonakalo ekusaseni lazo.
Le nhlangano ithe izingane zesikole sezihlale zilele emaklasini ngoba zihlala ezinkundleni zokuxhumana ngisho ezinzulwini zobusuku.
Ayisaphathwa-ke eyokwenza umsebenzi eziwunikwe esikoleni ukuthi ziwenze emakhaya (Homeworks), awusenziwa nhlobo.
Le nhlangano yenze ucwaningo ibambisene neBerkman Centre for International & Society eHarvard University nenyuvesi yaseCape Town mayelana nokuziphatha kwezingane emakhaya nasezikoleni. Bathole ukuthi basebenza kanzima othisha ezikoleni njengoba izingane zivele zihuqe ubuthongo uthisha efundisa.
Akupheleli lapho, nokuchukuluzana okusuka kulezi zinkundla zokuxhumana kwenza izingane zingabe zisakwazi ukuziphatha ngendlela efanele ezikoleni nasemakhaya.
Phakathi kwezinto ezivelayo wukuthi * -30% wezingane okukhulunywe nazo uvumile ukuthi usebenzisa isikhathi sawo ezinkundleni zokuxhumana uma ungasekho esikoleni.
Babalelwa ku-25 876 abantu abasha bakuleli okukhulunywe nabo ngenhloso yokuthola indlela abazisebenzisa ngayo izinkundla zokuxhumana.
“Ukwanda kwamaselula anezinkundla zokuxhumana eNingizimu Afrika, ikakhulukazi entsheni, kwenza ukuthi isebenzise la mathuluzi ukuthola ulwazi,” kuchaza uDkt Tanja Bosch ofundisa kwiCentre for Film & Media Studies eNyuvesi yaseCape Town.
Ngokwe-Unicef inhloso yokuba khona kwezinkundla zokuxhumana wukuhlomisa izingane nabantu abasha ngolwazi ikakhulukazi emazweni asathuthuka.
Nakuba kunjalo, le nhlangano ixwayisa ngokuthi okubalulekile ngukuqinisekisa ukuthi izingane ziphephile.
I-MXit kubikwa ukuthi iyona esetshenziswa kakhulu yizingane ezineminyaka engu-13 nangaphezulu ngoba imahhala.
Iningi labayisebenzisayo kubikwa ukuthi iminyaka iqala ku-18 kuya ku-25. Ngaphandle kokuthi abafundi bagcina bengasakwazi ukufunda ngendlela efanele emakilasini nangenxa yokuchukuluzana, lolu cwaningo luthole ukuthi * -75% wezingane usuke uxhumana nabantu ongabazi ezinkundleni zokuxhumana kanye ngesonto, bese kuthi * -42% wona ukhuluma nabantu ongabazi nsuku zonke.
Lokhu sekuphonsele abazali nezinhlangano ezibhekele amalungelo ezingane inselelo yokuthi baqwashise izingane ngokusebenza kwezinkundla zokuxhumana nokuthi zingagwenywa kanjani izindlela zokuthi zizisebenzise budedengu.
Ngo-2010 i-Unicef yahlangana ne-MXit ngenhloso yokuqhamuka nezindlela eziphephile nezifanele zokuthi izingane kumele zizisebenzise kanjani izinkundla zokuxhumana zingazisebenzisi budedengu.
UNksz Simone Samuels, wakwaChildline KwaZulu-Natal, uthe nakuba izingane kumele zivunyelwe ukuba zizisebenzise izinkundla zokuxhumana kodwa kumele kube nomngcele owubekayo njengomzali, njengokuthi phakathi nesonto, azingazisebenzisi nhlobo.
“Uma uzinqabela ukuthi zizisebenzise zizozama eyazo indlela yokuzithola njengokusebenzisa abangani,” kusho yena.
Uthe okumele ukwenze njengomzali wukufundisa izingane zakho ngendlela ephephile yokusebenzisa izinkundla zokuxhumana, nokuthi uzigade ukuthi zenzani ezinkundleni zokuxhumana. Zitshele ukuthi akumele zixoxe nabantu ezingabazi.
“Zifundise (izingane) ukuthi azingabi othathekile,” kugcizelela uNksz Samuels. UMnuz Sunil Sewpersadh wenkampani iYashTech Consulting ongungoti ngokusebenza kwezinkundla zokuxhumana ufakazele okushiwo yiKwaZulu-Natal Childline.
Uthe kumele izingane zivunyelwe ukuba zizisebenzise izinkundla zokuxhumana ngoba uma uzinqabela zizozisebenzisa esithe ungaboni.
Ukugcizelele ukuthi kumele zilandelwe ngabazali ukuthi zizisebenzisa kanjani lezi zinkundla ukuze kungonakali izinto eziningi njengoba kugcina sekwenzeka.
Kwenzeka konke lokhu nje ngonyaka odlule uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo eNingizimu Afrika, uNkk Angie Motshekga, ukhale ngokusalela emuva kwezingane esikoleni ngenxa yokuthi zihlale zibuka imidlalo ewuchungechunge kuthelevishini nabazali bazo.
Ngokombiko athi banawo njengomnyango * -85% wabantu kuleli awufundi ngenxa yale nkinga yokubukana ne-tv.
Wayenanela isiphakamiso esenziwa nguMnuz Panyaza Lesufi onguNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng sokuthi akuvalwe izingane zesikole zingayibuki le midlalo.