KUBIKWA ukuthi asefikile emhlabeni amawele entandokazi yomculi wePop e-U.S, uBeyonce, nomyeni wayo uJay Z.
Ngokwemibiko esabalele e-U.S kule mpelasonto, kukholakala ukuthi uBeyonce utete ngoLwesihlanu, esibhedlela esiseLos Angeles.
Kumanje lezi zithandani zinengane eyodwa eneminyaka emihlanu, uBlue Ivy. Ngenkathi kuvela lezi zindaba, abalandeli baBeyonce, ababizwa ngeBey Hive, bebengawuvali umlomo bejabula ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto.
Abanye bese beqalile beveza ukuthi uma bebala kahle kusukela ngesikhathi le ntokazi imemezela ukuthi ikhulelwe, kumele ngabe isizoteta maduze noma isitetile. Isithombe sika Beyonce ngenkathi ememezela ukuthi ukhulelwe kwa-Instangwam saqopha umlando sithandwa abantu abangu 6 million kusaphele amahora angu-8 kuphela.
“Ngifuna ukunazisa ngenjabulo nangothando lwethu. Sesibusiswe kabili. Sijabule ukunazisa ukuthi umndeni wethu uzokhula ngezingane ezimbili, siyabonga ngokho konke okuhle enisifisela khona,” kusho uBeyonce kumbhalo owawuhambisana nalesi sithombe.
Noma umndeni wakwaCarter ungakaziqinisekisi lezi zindaba, kulindeleke ukuthi zibonakale kungekudala izithombe zamawele abo.
A post shared by Beyoncé (@beyonce) on Feb 1, 2017 at 10:39am PST
A post shared by Beyoncé (@beyonce) on May 21, 2017 at 3:35pm PDT