ABADIDIYELI bamafilimu ababhekana nomqansa wokufaka amafilimu abo ema-cinema amakhulu bazothola ithuba lokukhombisa amafilimu abo emphakathini ngaphandle kwenxanxathela yezitolo iThe Workshop, eThekwini, ngoLwesihlanu.
Lokhu kuzobe kuyingxenye yemiklomelo ama-5th African Emerging Filmmakers Awards azoba seSun Coast Casino ngoMgqibelo. ULawrancia Mqwebu ekhuluma egameni likaSihlalo wemiklomelo u-Andile Buwa uthe kunabakhiqizi bamafilimu abagcina bengazi ukuthi bazowakhombisa bani amafilimu abo ngoba kunzima ukuwafaka ema-cinema.
“Yingakho sizokhombisa amafilimu abo eWorkshop Amphitheatre kusukela ngo-9 ekuseni. Ngaphandle kokukhonjiswa kwamafilimu kuzoba khona nabazohlomisa ngolwazi lokuthi lutholakala kanjani uxhaso ukuze wenze amafilimu, amathiphu uma uyokwenza inhlolokhono nokunye,” kusho uLawrancia. Uthe le miklomelo yaqalwa yi-Ethekwini Filmmakers Association kanti abheka kakhulu abakhiqizi bammafilimu abasafufusa. Kuzoba ngokwesihlanu ikhona kanti phambilini abebizwa ngama-Emerging Filmmakers Awards njengoba bebheke ukusabalala i-Afrika yonke.
“Inhloso enkulu ngemiklomelo wukuthi umphakathi uthole ulwazi mayelana nomkhakha wamafilimu nethelevishini,” kuchaza uLawrancia.
Uthe imiklomelo izoqala ntambama eSuncoast kanti kungena kuphela izimenywa. Uthe kuleli sonto amajaji amatasa aphothula uhlelo lokujaja yonke imingenelo abayitholile.