KUZOKWENZEKA okwehlukile ohlelweni iWedding Bashers, osekuqaliwe ukuqoshwa kwalo njengoba izintokazi ezintathu zakuleli esezizakhele igama kuthelevishini zizobonakala kulo.
Luzobonakala maduze kuM-Net (DStv Channel 101) njalo ngamasonto.
UDenise Zimba owaduma kuGenerations, Cindy Nel owake wathatha isicoco sikaMiss SA noSiba Mtongana onohlelo lwakhe lokupheka bazohambela imishado eyahlukene eNingizimu Afrika.
Bobathathu uma behambela imishado bazovakashela abashadayo kusuka isonto liqala kuze kuphele umshado.
Okuhlukile ngohlelo wukuthi lezi zintokazi zizobe zibheka konke okulungile nokungalungile obekwenzeka kuwo.
Lokhu ngeke zikufihle kodwa zizokubeka obala ukuthi yini ebiyinhle kanti yini ebeyibheke eceleni.
ULani Lombard, wakwaM-Net, uthe kubajabulise kakhulu ukuthi babe yisiteshi esizosakaza lolu hlelo.
“Ziningi izinhlelo zemishado kuleli kodwa sijabule kakhulu ukuba yisiteshi esizosakaza lolu hlelo. Luhluke kakhulu kulezi ezikhona manje njengoba konke kuzohlala obala kungekho okuzofihlwa.”
Uthe abantu abafuna ukuvakashelwa emishadweni yabo bangaqhubeka bathumele izimemo zabo njengoba kuyoze kuvalwe ngosuku lwezithandani iValentine's Day.
UDenise uthe ukujabulele kakhulu ukuthe naye abe khona ohlelweni.
“Lokhu kusho ukukhula kimi. Sengilubheke ngabomvu usuku okuzoqalwa ngalo uhlelo ngoba ngiyazi ukuthi abantu bazochazeka kakhulu,” kusho uDenise.