OSONKONDLO bakulwa nokudlwengulwa kwabantu besifazane ngokufundisa izishimane nezigwadi ukuthi kushelwa kanjani emcimbini obizwa ngePoet in a Suit: Dudlu, eBlue Waters Hotel, eThekwini namhlanje ngo-7 ebusuku.
Kulo mcimbi kuzobe kushiyelana inkundla izimbongi esezizakhele igama kuleli, okungoJobe, Zamani Mzobe, Nkosi Gumede noMinenhle Makhanya.
Umgqugquzeli walolu chungechunge, uMxolisi Mtshali, uthe bahlose ukuvumbulula amasoka ezishimaneni nasezigwadini ukuze kuphele ukudlwengulwa kwezalukazi nezingane.
“Kulo lonke uhlobo lobuciko ongalusebenzisa ukuchaza uthando alukho olungahlula ubunkondlo. Kule nyanga yothando eseyizophela, ngoLwesihlanu iPoet in a Suit:Dudlu izobhekana nobushimane ngqo. Ngisho ngabe usumtholile umaqondana ufike naye ngoba intombi ishelwa ngisho isikuqomile,” kusho uMxolisi owazakhela udumo ngenkondlo ethi Zulu Love Letter eminyakeni eyedlule.
Uthe njalo ngonyaka iPoet in a Suit iba nawo umcimbi wezothando kodwa kulokhu izogxila kakhulu ekukhumbuzeni abantu ukubaluleka bokuphelezela izenzo zothando ngamagama. “Sikhethe izimbongi ezinobuchule kakhulu ekukhetheni amagama ahlwabusayo uma kubheke kwezothando.
Lo mgubho wothando ngezinkondlo uhanjelwa yizinhlanga ezehlukahlukene, kungakho sibophele nabolimi lwasemzini uThando Fuze, Lerato noTumi. Akekho ozobuyela emuva elambatha kulo mcimbi, wonke umuntu uyophuma ehlome ngamagama othando.”
Ubuye waveza ukuthi kulo mcimbi kuzobuye kube khona nomncintiswano wokushela owathakaselwa kakhulu nyakenye.
“Lapho intombi ezithembayo ngesimilo sayo iza phambili, ishelwe yizinsizwa ezingenayo inkwethu olimini.”
Yize lo mcimbi uzoqala ngo-7 ebusuku kodwa uthe amathikithi azoqala ukudayisa emnyango ngo-R150 kusukela ngo-6 ntambama.