UFUNA ukwakha isizwe esingcono ngomculo wakhe umculi kamaskandi osemncane waseMthunzini, u-2 Stezi.
U-2 Stezi, owaqanjwa ngoSfiso Ntuli (21) kubo, une-albhamu ethi Bekungelula enezingoma eziwu-10.
Uthe izingoma zakhe zikhuluma ngokwenzeka empilweni futhi ziyakha.
“Kukhona ingoma ethi Nibahle Impela engiyala kuyo amantombazane aphuza utshwala ngokuthi mahle kodwa aphoxa ngokubhuquza otshwaleni,” kusho u-2 Stezi.
Uthe ungomunye wabaculi abasebenzisa ithuba lokuzibonakalisa kuchungechunge lwemicimbi yeNgqwele Kamaskandi ehambela izindawo ezehlukene. Yena wafika kowaseMelmoth.
Wafika wathakaselwa ngabantu ngesikhathi egibela esiteji ecula.
Uthe waqala ukucula ngo-2010 efunda nokudlala isigingci efundiswa wumngani.
“Umculo yisiphiwo sami, ekhaya akekho owayengumculi,” kusho yena.
Uthe uphothule umatric ePrince Zithume High, eMthunzini, ngonyaka odlule. Kulo nyaka usegxile emculweni kuphela ngoba ebheke impumelelo.
“Ngiyaziphushela kodwa akulula,” kusho u-2 Stezi.
Uthe igama lika-2 Stezi waliqanjwa yizinsizwa zibona indlela agida ngayo. Unyawo uthe luphakama lufike phezulu.
“Angingcweki namuntu emculweni kodwa umculo wami uhambisana nokwenzeka empilweni. Ngibheke empumelelweni yobaba uPhuzekhemisi noMfaz’omnyama,” kusho lo mculi.
Uthe ubukela kuMroza neMfezi Emnyama.