UWUDLE phesheya kwezilwandle ukotini umrepha waseNingizimu Afrika osezakhele udumo ngokuswenka.
URiky Rick wengoma ethi Sidlukotini neBoss Zonke, ubengomunye wezicukuthwane ezikhangise ngemfashini yasebusika eMilan, e-Italy kwiGucci Fall Winter 2017 Fashion.
Kulolu hlambo uKing Kotini, okuyigama ateketiswa ngalo, ubehambe eyothenga umswenko wakwaGucci waphinde
wayokhangisa ohlwini lomswenko wasebusika.
URiky Rick uveze ku-Instagram ukuthi umenywe ngabakwaGucci ngenhloso yokuzokhangisa kulo mbukiso wemfashini.
Lo mrepha ubhale kanje ku-Instagram: “Ayikho into emnandi njengokulandela iphupho lakho.”
Uthe ukucikoza nokusebenza kanzima yikho okufezekise iphupho lakhe.
“Ungabi novalo. Ukungaphumeleli akusho ukuthi sekuphelile kodwa kuyithuba lokuqala kabusha ulungise isu lakho,” kusho uRiky Rick.
Lo mrepha uyaziwa ukuthi uyazifela ngengqephu. Akumangazanga uma esevela ezithombeni eno-A$AP Rocky umrepha wase-USA naye
owaziwayo ngokuthanda ingqephu.