SEKUJWAYELEKILE ukuzwa abanye abelaphi bendabuko bekhuluma esidlangaleni ngeziguli zabo. Lokhu bavamise ukukwenza ikakhulukazi uma kade behanjelwe ngumuntu odumile.
Abelaphi bendabuko bavamise ukuqhosha ngokuthi bona belapha abantu abakhulu, bababhadlaze ngamagama, baze basho nokuthi banaziphi izinkinga. Abelaphi bendabuko bavame ukuthi basebenza ngendlela efanayo nodokotela.
Ngokomthetho olawula odokotela akuvumelekile ukudalula isifo somuntu esidlangaleni noma atshele omunye umuntu ngaso. Ngeledlule Isolezwe ngeSonto libike ngodaba lomculi kamaskandi uMroza Fakude okuvele ukuthi usizwe yinyanga yaseMatshana, eMpangeni njengoba ingoma yakhe uVan Damme idle umhlanganiso yahlukanisa unyaka emsakazweni Ukhozi FM yaphinde yawina nakwi-SABC Summer Song.
Bekuqala emlandweni ukuthi ingoma kamaskandi ihlukanise unyaka. Inyanga ezishaya isifuba ngokuthi imsizile ebuye ibizwe ngodokotela uThulani Nkwanyana U-3 Seconds, iphumele obala ngokuthi iyona eyenze ukuthi uMroza afike kuleli zinga asekulona.
Abanye abelaphi bendabuko bamgxekile U-3Seconds ngokudalula imininingwane yesiguli.
UMengameli weKZN Traditional Healers Association, uMnuz Sazi Mhlongo, uthe lokhu kuphambene nomthetho.
“UMroza kumele amfake enkantolo amvulele icala lokumehlisa isithunzi * -3 Seconds. Njengodokotela, izinyanga nazo kazivumelekile ukuthi zidalule abantu ezibalaphayo. Inyanga eqeqeshiwe kahle iyazi ukuthi lokho akukho emthethweni. Inkinga wukuthi kunezinyanga esithi uma sizibizela emihlanganweni wokuzihlomisa ngolwazi zingezi ezinye,” kusho uMhlongo.
UMhlongo uthe bona njengenhlangano yabelaphi bendabuko abakabi nalo ilungelo lokujezisa enye inyanga uma iphambane nomthetho. Uthe yingakho uma kwenzeke into enje, umuntu osuke ehliswe isithunzi kumele afake icala enkantolo bese kuba iyona enqumayo.
UDr Bhedlindaba “VVO” Mkhize, ongumengameli woMsamo Institute/South African Healers Association, uthe izinto ezithinta ukwelapha ngokwesintu ziyimfihlo, akumele zinekelwe abanye abantu.
“Akuyona inkinga uma kungukuthi umuntu ufuna usizo bese eyalelwa inyanga engamsiza. Nami njengomelaphi ngiyakwazi ukudlulisela umuntu komunye umelaphi engimaziyo ukuthi uzomsiza enkingeni asuke ebhekene nayo, kodwa lokho akusho ukuthi inkinga angiyitshele omunye umuntu. Abanye abelaphi basuke bekhankasa befuna amakhasimende bese beveza izindaba zabantu okuyinto engamukelekile.
“Ngokomthetho akumele ukuthi uze ukhankase ngoba umsebenzi wokwelapha usuke uwunikwe ngabaphansi. Kumele kube yibona abakulandela abantu ozobasebenza,” kuchaza uDkt Mkhize.
Uthe inyanga etshela abantu ngezinkinga zomuntu esuke imelaphile isuke imhlambalaza.
Uthe kumele ohlanjalaziwe ayibophe inyanga eyenze kanjalo. Ngaphandle kuka-3 Seconds zikhona nezinye izinyanga ezike ziveze izindaba zabantu njengoKing Bhaka ojwayele ukulapha abantu emigwaqweni yeTheku. Abantu ubatshela izindaba zabo athi uboniswa zona phambi kwabantu ngaphambi kokuba abalaphe.
UDkt Mkhize uthe noma ngabe uyaboniswa izinto, umthetho awukuvumi uzinekele izwe. Uthe phambilini kwakukhona izangoma ezazibizwa ngabahlahli, okwakuthi uma zizokhipha izindaba zomuntu, kuqale kubikelwe amakhosi nezinduna zendawo, bese izindaba zikhishwa kukhona bona.
Uthe umhlahli wayenelungelo lokusho amagama abantu kugcwele umphakathi namakhosi. Manje uthe lokho akusavumelekile.
Eziphendulela * -3 Seconds uthe akabagqizi qakala labo abamgxekayo ngoba yena usebenza ngendlela ehlukile futhi usezingeni eliphezulu kakhulu kunelezinyanga.