ABEKHO abantu abaxaka njengalaba abasuke befuna uthando ohlelweni iDate My Family kuMzansi Magic.
Into esengiyiqaphelile wukuthi abantu abavela kulolu hlelo baluhlaza uma bengamthandisisi lowo ogcine edle umhlanganiso.
Kusuke sekwenzenjani ekupheleni kohlelo uma sebejwayelana endaweni yokudla bese kuba khona oyedwa phakathi kwabo ovele abe muncu, kumbe abe luhlaza ngoba engamthandi lo muntu asuke emkhethile? Lokhu sekwenzeke eziqeshini eziningi ezihlukahlukene kwiDate My Family nosekwenze abantu abaningi abayibukayo basole abantu abaya kuyo ngokuba nezinhloso zokufuna udumo.
Angikholwa wukuthi ukhona umuntu ongatshela iNingizimu Afrika yonke ukuthi akaqomile kumbe akaqonyiwe bese kuthi ekugcineni abe luhlaza. Uzomthola kanjani umuntu empilweni yakho usuzikhombise phambi kwawo wonke umuntu ukuthi uwuhlobo olunjani lomuntu?
Kwesinye seziqephu sibone le nhlobo yomuntu engikhuluma ngayo kuPenelope Machete. Ngizizwe ngifikelwa amahloni ngendlela abeluhlaza ngayo ekhuluma nensizwa ebimkhethile uThembinkosi.
UPenelope ubeluhlaza engxoxweni yakhe noThembinkosi, ephawula ngomzimba wakhe, imali nangezinye izinto. Abaseshi abasheshayo kuTwitter basheshe bapequlula ama-tweets akhe akudala kwatholakala eyangoJulayi ngonyaka odlule lapho abhala khona ngalolu hlelo ukuthi; “kuyacaca akaneme (owesifazane) ngowesilisa amkhethile kodwa besingekho isidingo sokuthi abe luhlaza...” Lokhu kuthuse abaningi ngoba nguye kanye obonakale enza okufanayo kulolu hlelo ngeSonto ntambama.
Abantu abaya kulolu hlelo abakhombisi ukuba ngabantu abafuna uthando. Mhlawumbe nendlela iDate My Family eyenziwa ngayo yokuthi umuntu aqale ahlangane nomndeni ngaphambi kokukhetha umuntu engakamboni, yiyo eyenza abantu baziphathe ngendlela abaziphatha ngayo. Ngakolunye uhlangothi ngiyacabanga ukuthi nami kungangicasula ukukhetha umuntu engingathi uma sengimbona angabi yilokhu ebengithemba ukuthi uyikho. Nangaphezu kwalokho nokho akusona isizathu esanele leso ukuthi uphathe omunye umuntu kabi kubuka izwe lonke.
Abantu abaqhubeka nalo mkhuba kwiDate My Family baziveza ubunjalo babo engicabanga ukuthi yikho okubenza bagcine bephephela ezinhlelweni ezinjengoDate My Family befuna uthando.