BATHELELANE amanzi abaculi be-hip hop bakuleli, u -AKA no-Anati, osekukhona ingoma abayikhiphe ngokuhlanganyela ethi 10 Fingers ephume izolo ekuseni. Laba baculi bake bangabhekana ngemuva kokuthi u -Anati esole u-AKA ngokuntshontsha izinsimbi zakhe enza iculo elithi Composure.
Leli culo laba sematheni, kulona u-AKA wayekhwela edilika kuCasper Nyovest no-Anati. Izolo babhale ezinkundleni zokuxhumana ngokukhipha kwabo le ngoma ngokuhlanganyela. U-AKA esitatimendeni asikhiphele abezindaba uthe uselindele ukuzwa imibono yabantu nabalandeli babo ukuthi bazothini uma bezwa le ngoma.
“Ngiyazi abalandeli bethu bazoyithanda. Yingoma emnandi, kuseyisiqalo nje lesi kuningi okuzayo,” kusho u-AKA othe le ngoma isikhona emhlabeni wonke njengoba sekulula ukusabalalisa izinto ngendlela yobuchwepheshe besimanje.
“Isikhona kuGoogle Play, Apple Music nakuDeezer. Abalandeli bomculo wami nabo sebezoyizwa emisakazweni eyehlukene kuleli kusukela namhlanje,” kuchaza u-AKA.
Abantu abebesemcimbini wosuku lokuzalwa kuka-Anati ngeSonto ebusuku, eKong, eGoli babe nenhlanhla njengoba belaleliswe le ngoma okokuqala ingakaphumeli emphakathini. U-Anati uthe ukujabulele ukubuyela estudiyo no-AKA. “Siba nomdlandla uma sisebenza sobabili. Ngiyathemba umhlaba ukulungele ukuthola izingoma eziningi esizozikhipha,” kuchaza u-Anati.
Bakuqinisekisile ukuthi lokhu kuseyisiqalo asemaningi amacwecwe azophuma ekuqaleni kwalo nyaka futhi kusazoba nama-albhamu abo aphelele azophuma maduze. U-Anati usanda kukhipha ingoma ethi Tell me nomculi waphesheya u-Omarion.