LIGQASHUKILE ifindo lomshado
phakathi komsakazi owaduma emsakazweni Ukhozi FM neVuma 103 FM nobeyintatheli eSABC osekhulumela inhlangano ephikisayo yezepolitiki.
Ngokwemithombo esondelene nabo umshado walaba bobabili abangeke badalulwe amagama abo ngenxa yemithetho ethinta ezamadivosi, uphele ngoLwesithathu.
“Kuphelile ngempela ngomshado wabo futhi akukholakali. Yebo, bahlukene kodwa bobabili babukeka bekwamukele kahle okwenzekile manje futhi bayazi ukuthi ayixabene njengoba kukhona nezingane ezilokhu zibadingile njalo,” kusho umthombo.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba kade bengasahlali ndawonye iminyaka emibili.
Nakuba singacaci kahle isizathu esiholele ekupheleni komshado kodwa kubikwa ukuthi besekunesikhathi kungekuhle.
Umshado wabo waba yindumezulu
ngo-2004 ngesikhathi bobabili besasebenzela uKhozi FM.
Owesifazane wayefunda izindaba ngaleso sikhathi kanti indoda yona yayingumsakazi owayengaconsi phansi.
Umshado wabo wabalwa neyayiseqophelweni eliphezulu njengoba wahanjelwa yizicukuthwane kwezokungcebeleka nosopolitiki imbala.
Esitatimendeni abasikhiphe ngokubambisana bavumile ukuthi kuphelile ngomshado wabo.
“Kuyiqiniso kodwa akukho okuningi esizimisele ukukusho,” kusho isitatimende.