U-DJ ophinde abe umdansi oshiye abantu abebehambele amaMetro FM Awards bengawuvali umlomo ngengubo ayeyigqokile eyayiveza konke, uthi kusekuncane lokhu abakubonile.
UNonhlanhla “Skolopad” Qwabe wasePhuthaditjhaba, eFree State ongundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana uthi ukungagqoki yinto yakhe futhi abantu basazobona lukhulu. Uthi usazoveza isitho sakhe sangasese ngoba akazenyezi ngomzimba wakhe omuhle. NgoLwesibili ntambama ubhale enkundleni yokuxhumana uTwitter, ukuthi kukhona umcimbi azowuhambela, ayocula kuwo.
“Ingubo engizoyigqoka uma sengiyocula izobe ikhombisa kakhulu umzimba nesikhumba sami. Wozani nonke eBallerz.”
Abantu bakhombise ukuyithakasela inkulumo kaNonhlanhla njengoba abaningi beveze ukuthi bazobe bekhona.
USimphiwes147, uthe: "Yebo ngizobe ngikhona ngizokubona."
USolvet uthe: "Mmm sengifisa sengabe selufikile lolu suku ngikubona Skolopad."
UKingmpumelelo uthe: "Awudlali angithi? Ngizofika."
Abanye bebekhombisa ukucasuka njengoba uSandile B Gambu ethe: "Sizombizela amaphoyisa."
UMokoena NineJanuary Micheal uthe: "Sikhathele uwena."
Abanye basole le ntokazi ngokufuna ukuzidumisa njengoba kuvela ukuthi ingumculi ngakubo.
Bathe isebenzisa umzimba wayo ngoba ifuna ukunakwa nodumo.
Imizamo yokuxhumana noSkolpad, ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala aluvale.
Nomyalezo athunyelelwe wona ugcine engawuphendulanga.
Ekhuluma ohlelweni lukaPhat Joe ngoLwesibili ntambama emsakazweni i-East Coast Radio, uSkolopad uthe usekujwayele ukushutha izithombe engagqoke lutho ngaphansi futhi usazoqhubeka akwenze lokho.
Uthe ngesinye isikhathi ujwayele ukushutha izithombe egqoke isikibha sodwa nje kuphela engagqoke lutho olungezansi futhi uhlala ezizwa ekhululekile ngokwenza lokho.