USUHLALE iminyaka nesoka lakho kodwa aliyithi vu eyokuthi livela nini ekhaya nokuthi linawo yini amaphupho okuqala umndeni nawe.
Uyazibuza ukuthi ngabe kumele ufele ngaphakathi ulinde usuku ongalwazi noma uqunge isibindi uzibuzele. Baningi abesifazane okuthiwa banabantu abathandana nabo kodwa akucaci ukuthi uthando lwabo lubhekephi. Abanye bagcina beziphathisa okwabashadile ngokubona isikhathi asebesichithile othandweni ngisho noma indoda ingakaze icacise ngezinhloso zayo. Kukhona nabacabanga ukuthi ukuzalela indoda kuyindlela yokuyibamba ukuthi inganyakazi uma bebona ukuthi ayikhulunywa eyomendo. Kuyenzeka lokhu emdlalweni wethelevishini iGenerations: The Legacy lapho uNolwazi (Thando Thabethe) esha amashushu ngokuzalela uMazwi (Musa Ngema) ingane. UNolwazi unethemba lokuthi ukuba nengane kuzoqinisa uthando lwabo noMazwi.
Isolezwe lixoxe nabazi kangcono ukuthi akulona yini ichilo ukuthi owesifazane azibuzele endodeni ngekusasa lothando lwabo.
UMnuz Madoda Zungu oyisazi sezamasiko uthe kudala kwakuyichilo ukuthi owesifazane azibuzele ukuthi ushadwa nini ngoba bekukhonya izwi lendoda.
“Abesifazane bebenamahloni okubuza ukuthi bubhekephi ubudlelwano ngenxa yemfundiso yamaqhikiza. Owesifazane ubehlala ethobela umthetho wendoda ephathiswa okwengane. Indoda ibingaphendulwa futhi ingabuzwa kodwa owesifazane ubelinda ukuzwa ngayo kuyo yonke into,” kusho uZungu.
Uthe abanye besifazane bebehlala iminyaka bengaqediwe ukulotsholwa nabo basabe ukubuza.
Uveza ukuthi omunye ubegcina aliwe kanti vele ubehlalele into engekho.
Ugcizelela ukuthi izinto zishintshile ngoba ngisho abamnyama sebeyakwazi ukuzicelela umshado.
UNksz Liziwe Ntshengulana oyiLife Coach uthe akusizi ukuhlalela into ongayazi othandweni. Uthe akuselona ihlazo ukubuza indoda ngezinhloso zayo lokho kukhombisa ukuthi uyakwazi okufunayo.
“Wonke umuntu uyamazi umuntu amfunayo nezimpawu azifunayo. Uma indoda ithi iyakuthanda nawe ubona ukuthi inazo izimpawu ozidingayo kumele ubuze zisuka nje ukuthi ikuthandelani. Kumele kucace ukuthi uma nithandana yiziphi izinhloso enazo kunokubala iminyaka engenazithelo,” kusho uNksz Ntshengulana.
Uthe abanye besifazane babekezela noma indoda ingayikhulumi eyokulobola ngoba besaba ukuthi izobaleka.
“Kungcono indoda ibalekiswe wukuthi ufuna ukwazi iqiniso. Uma ibaleka kuyobe kusho ukuthi ibivele izokushiya noma nini futhi ibingazimisele ukukwenza unkosikazi wayo,” kusho yena.