ICIKO leHip Hop elisanda kukhipha iculo elibalwa nahamba phambili kuleli, u-Okmalumkoolkat, usephumele obala waxolisa ngecala lokuhlasela owesifazane ngenhloso yokumnukubeza. U-Okmalumkoolkat ngonyaka owedlule waboshelwa leli cala ngesikhathi ese-Australia, ekade ehambele umcimbi khona. Wagwetshwaa izinyanga ezingu 6, kodwa wahlala inyanga eyodwa ejele ezinhlanu zalengiswa. Emva kokubuya kwemibuzo ngaleli cala njengoba esebuye ngezinkani endimeni yomculo, leli ciko izolo ligcine likhethe ukuphumela obala laxolisa ngesenzo salo.
“Ngiyaxolisa ukuthi owesifazane owahlukumezeka ngenxa yami. Ngachitha isikhathi ejele, ngidonsa isigwebo engasinikezwa ingalo yomthetho. Ngalokho, ngicela ukuxolisa kuwo wonke umuntu, ikakhulukazi abantu besifazane,” kusho u-Okmalumkoolkat, ogama lakhe lokuzalwa uSmiso Zwane.
I AM SINCERELY SORRY THAT A WOMAN FELT VIOLATED ON MY ACCOUNT. I SPENT TIME IN PRISON, SERVING A SENTENCE GIVEN TO ME BY THE JUSTICE SYSTEM
— #MLAZIMILANOⓂ️Ⓜ️ (@okmalumkoolkat) March 8, 2017
WITH THAT BEING SAID, I WOULD LIKE TO APOLOGISE AGAON TO EVERYBODY, ESPECIALLY WOMEN. I AM SINCERELY SORRY
— #MLAZIMILANOⓂ️Ⓜ️ (@okmalumkoolkat) March 8, 2017
Uveze ukuthi uyazi ukuthi walubalekela lolu daba ngesikhathi ebuya kuleli, njengendlela yokuvikela umndeni wakhe. Njengezwe elibalwa nahamba phambili ngamacala okudlwengulwa kwabantu besifazane, u-Okmalumkoolkat uthe uyakuqonda ukuthi angazama ukwenza okuthile ngomculo wakhe ukuguqula indlela instha ecabanga ngayo ukuze kushintshe lokhu.
“Siphila emphakathini lapho umculo esiwuthandayo usho izinto ezingezinhle ngabantu besifazane, akekho obhala udaba ngalokho. Ngifuna ukusho ukuthi asihambisani nokudlwengulwa kwabantu besifazane nokuthi sizoqhubeka senze umculo ozokwakha isizukulwane esingcono,” kusho yena.
Ube esesebenzisa i-albhamu yakhe entsha, i-Mlazi Milano, njengesibonelo esihle kwazama ukukwenza ebalula ukuthi akayisebenzisi inhlamba emaculweni wakhe futhi akasho lutho olubi ngabantu besifazane.
I ADMIT THAT I DID NOT ISSUE A SOLID APOLOGY WHEN I GOT BACK. INSTEAD I OPTED TO STOP THE MEDIA FROM HARASSING MY FAMILY & TEAM. APOLOGIES
— #MLAZIMILANOⓂ️Ⓜ️ (@okmalumkoolkat) March 8, 2017
UNDERSTAND THAT SEXUAL ASSAULT IS PART OF A DISEASE CALLED 'RAPE' AND THIS DISEASE PLAGUES THE WHOLE WORLD BUT MUCH MORE WIDESPREAD IN S.A
— #MLAZIMILANOⓂ️Ⓜ️ (@okmalumkoolkat) March 8, 2017
I JUST WANT TO CLARIFY THE FACT THAT WE ARE ANTI-RAPE AND WE GONNA KEEP MAKING ART THAT WILL INFLUENCE A BETTER GENERATION
— #MLAZIMILANOⓂ️Ⓜ️ (@okmalumkoolkat) March 8, 2017
LISTEN TO MY WHOLE ALBUM 'MLAZI MILANO' DO I BASH WOMEN? IS THERE A SINGLE 'B' WORD IN THERE? MY CONTENT IS POSITIVE
— #MLAZIMILANOⓂ️Ⓜ️ (@okmalumkoolkat) March 8, 2017