ABEMBONI yamatekisi KwaZulu-Natal bakuchaza njengehaba okwenzeka emdlalweni ongaconsi phansi kwabaningi kulezi zinsuku, Isibaya.
UMnuz Boy Zondi, onguSihlalo weSantaco, KwaZulu-Natal, uthe isifiso sabo wukuthi bahlangane nababhali balo mdlalo babatshele ukuthi abehlise ihaba.
“Uma sihlangene embonini yamatekisi sike sixoxe ngokuthi kukhona isithombe esingesihle esibhalwayo ngabantu bamatekisi kulo mdlalo. Kodwa kungaba kuhle sihlangane nababhali baso sibatshele okuyikho. Hhayi ngoba sibagxeka kodwa sibabonise lapho beba nehaba khona,” kusho uZondi.
Uthe embonini yamatekisi akekho umuntu wesifazane ongamthola enzisa okomlingisi uMaNcwane (Thembi Nyandeni).
“Ngeke embonini yamatekisi ufike emzini wenye indoda uqothe abantu ngaloluya hlobo okwenza ngayo abakwaNgwenya kwaZungu,” kuchaza uZondi.
UBongiwe Potelwa, obhekelele imidlalo kuMzansi Magic, uthe Isibaya wumdlalo owuchungechunge, ngakho okubonakala khona yinganekwane.
“Abalingisi, izingozi ezinyantisayo, abantu abashonile nabaphilayo okubonakala kulolu chungechunge, konke akusilona iqiniso,” kusho yena.
Uthe kukhulu okuseza kulo mdlalo njengoba lokhu okubonakala manje kuseyisiqalo.
“Impi ephakathi kwabakwaZungu nabakwaNgwenya isifike kuvuthondaba futhi kukhona abantu abasazolahlekelwa impilo yabo. Imindeni izokwenza noma yini, izinikele ukuze ivikele abathandiweyo bayo,” kuchaza yena.
Uthe abantu abahlale babukele ukuthi ngabe ubungani bukaNdlovu noZungu buzophelelaphi njengoba sebehlangene befuna ukuqumba phansi uNgwenya.
“UMpiyakhe manje kuyamphoqa ukuthi enze izinto akade zingacatshwanga ukuze asindise umndeni wakhe,” kuchaza yena.
Njengoba kulenyanga lo mdlalo uzobe ubungaza ukuhlanganisa iziqephu ezingu -1000 waqala , uBongiwe uthe bajabule kakhulu ukuthi kuzoqhamuka izinto ezintsha ezingaholela ekutheni kwethulwe abalingisi abasha abangathokozelwa ababukeli.
Kulezi zinsuku Isibaya singundabamlonyeni kubabukeli baso njengoba ibambene ngezihluthu emindenini emibili okungowakwaZungu nowakwaNgwenya.