NAPHEZU kokuthi kusasele izinyanga ezingaphezulu kweziyisithupha kuphele unyaka kodwa umculi wekwaito waseThekwini, uManjaro, uthi ingoma yakhe Inanana yiyona ezohlukanisa unyaka.
UThokozani “Manjaro” Ndawonde (36) odabuka eDundee kodwa ozinze eThekwini uthe sekunesikhathi esemculweni kodwa engazethembi ngokwanele ukuthi akhiphe ingoma ezimele.
“Ngabo-2008 uZakes Bantwini wanginikeza ithuba lokuthi ngibhalele uL’vovo noBeezory izingoma. Yilapho engibone khona ukuthi nginalo ithalente,” kusho uManjaro.
Uthe Inanana wayiqopha ngo-2012 kodwa engazithembi.
“Ngaleso sikhathi bekuchume kakhulu umsebenzi wami wokuphatha uhlelo emicimbini. Bengisaba ukuthi ngizoshiya okusebenzayo ngingene emculweni mhlawumbe ungahambi ngendlela. Nginenqwaba yezingoma engingazidlala kuze kube wu-2018,” kuchaza uManjaro.
Inanana isiqalile ukudlala emisakazweni eyahlukene futhi muva nje ubekwiMorning Live kuSABC 2 eyoyicula bukhoma. Itholakala ezitolo zomculo ze-internet okuyi-iTunes nezinye. UManjaro uthe inanomdanso wakhona.
“Iyikwaito kodwa wonke umuntu angakwazi ukuyilalela ngoba isigubhu sipholile bese kuthi mina ngicule ikwaito ngiyixuba ne-hip hop. Ngicula ngeTheku, indlela engilibonga ngayo ngokungamukela njengoba ngineminyaka engaphezulu kwengu-17 ngihlala khona,” kuqhuba uManjaro.
Uthe uzimele futhi uhlela ukukhipha i-EP enezingoma ezinhlanu ngoJulayi. UManjaro uzakhele udumo ngokuphatha izinhlelo emicimbini, ikakhulukazi emishadweni nasemcimbini kaSimphiwe Shembe yamahlaya lapho afike aqhulule amahlaya khona. Uthe nezinkondlo uyakwazi ukuzihaya.
“Angisiye usomahlaya kodwa umculo wami unamahlaya futhi udlulisa nomyalezo. Umculo ngiwuthandela ukuthi ufinyelela kubantu abaningi ngesikhathi esincane.”
Uthe uzobe esenele ngomculo ngemuva kokukhipha ama-albhamu amathathu.