KUMELE zikhohlwe izinsizwa ebezinethemba lokuzibika kumlingisi weSibaya uFlorence Mokgatsi njengoba esethathiwe. UFlorence ulotsholwe kubo eGoli ngoMgqibelo yisoka lakhe leli phephandaba elithole ukuthi igama lalo uJoe.
Kuthiwa sekunesikhathi bethandana futhi uJoe uyamphelezela uFlorence ezindaweni lapho esuke eqashwe khona.
UFlorence ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi uthathiwe.
“Angithandi ukukhuluma ngempilo yami yangasese kwabezindaba. Ngingakuqinisekisa kodwa khona ukuthi umcimbi ubukhona ekhaya izolo (ngoMgqibelo),” kusho uFlorence.
Umlingisi weGreed & Desire ophinde athule uhlelo lwaku-e.tv, Isiko, uSimphiwe Ngema, ufake isithombe sikaFlorence kwi-Instagram ebesikhombisa umcimbi okusolwa ukuthi owokulobola obekunombhalo othi JoewedsFlo, kuso.