Bengithi ngizokhathazeka ekubuyeleni emsebenzini ngemuva kwesikhathi eside umuntu akade asihlale ekhaya. Angeke ngiqambe amanga, ukuphumula kuyadingeka futhi kusemqoka. Njengemoto okumele ubuye uyiphumuze emgwaqweni, kanjalo nemizimba yethu iyakudinga ukuphumula.
Usuku lwami lokuqala kulo nyaka ngibuyile emsebenzini, kube sengathi kuphindwaphindwa zonke lezi ezinye izinsuku zokuqala zeminyaka edlule.
Lokhu ngikusho ngenxa yenqwaba yabantu abangafundi emaphutheni abanye.
Angikakayitholi namanje impendulo yokuthi kungani izingane zilinda kuze kuphele izikhala emanyuvesi andukuba zifake izicelo kuwona. Minyaka yonke umuntu umsebenzi uwuqala ngokuthelwa yizinyembezi ngenxa yabantu abaxakekile bedinga izikhala zokufunda.
Uma ubuwazi ukuthi wenza umatikuletsheni, kungani ulinde kwaze kwaqala omunye unyaka ukuthi uyofuna isikhala emanyuvesi na? Into eyenza ukuthi ngibhale ngalesi simo yingoba inqwaba yezingane izithola seyifundela nanoma yini inqobo nje uma ingenile enyuvesi. Lokhu kwandisa isibalo salabo abashiya phakathi ukufunda ebese kunciphisa amathuba omsebenzi. Ubokugada ukufundela into kanoma ubani ngoba ivamise ukungabi nawo amathuba omsebenzi. Le nto iyibuke kanje: uma ningamakhulu amathathu kumbe amane ekilasini, uma ucabanga ikhona yini imisebenzi engamakhulu amathathu kumbe amane ezobe inilindile uma seniqedile na?
Lapha eNingizimu Afrika sengathi uma ungayanga nje enyuvesi, awulutho. Lokhu akusilona iqiniso. Izwe lethu liswele kakhulu abantu abakwazi ukwenza imisebenzi yezandla, kungabe ukwakha izindlu, ukuthunga, ukulungisa amapayipi amanzi emzini, kuningi.
Okudabukisayo wukuthi iningi lethu le misebenzi siyibukela phansi ngoba nakhu phela sonke sifuna ukusebenza emahhovisi kube khona umphathi thizeni ozosikalela ukuthi sihola malini, sidle ngasikhathi sini, siya nini emaholidini futhi sivumeleke ukugula kangaki ngonyaka. Ngisho abafundi bami imbala ngihlezi ngibagqugquzela ukuthi baziqeqeshe ngokungaphezu kwalokhu abakufundayo emakilasini ukuze bakwazi ukuzimela njengosomabhizinisi bakusasa. Siswele imisebenzi nje yingoba sonke silindele ukuqashwa hhayi ukuba ngabaqashi.
SESPHELILE isikhathi sokuzitshela ukuthi singcono kunabanye. Ungafuni ukuya enyuvesi ngoba nakhu ufuna ukuba ngcono kunabanye abantu kodwa iba ngcono ngekhono lakho nokuduma ngokuthi uwena okwazi ukwenza umsebenzi thizeni oyivela kancane. Kumele siqale ekugcineni ebese sihlehlela emuva. Ngamanye amazwi, kubaluleke ngale ndlela ukuthi wenze ucwaningo mayelana nento ofuna ukuyifundela. Kungenzeka ukuthi itholakale nakwezinye izindawo ngaphandle kwasemanyuvesi, njengasemakolishi. Uwagade kodwa amakolishi mbumbulu ikakhulukazi lawa angabhaliswanga eMnyangweni wezeMfundo, anendaba nemali yakho kuphela hhayi wena.
Amazwe afana neChina enye yezinto eziwasebenzelayo wukuthi abantu bakhona ababekile ithemba labo entweni eyodwa.
Bayazi ukuthi ukuze baphile kahle bamelwe wukusebenza kanzima hhayi ukusebenza ebese beyayimosha imali ngobukhazikhazi njengabanye bethu. IChina cishe isidlula amazwe amaningi ngakwezomnotho. Yize bekhona nakhona abantu abantulayo kodwa iningi likhule lazi ukuthi umnotho usemsebenzini wezandla yingakho izimpahla eziningi esizibonayo zibhalwe ukuthi zikhiqizwe eChina.
Sesiphelile isikhathi sokuthi sibe namehlo abukela izinto eduze abanye abantu bakwamanye amazwe besebenzela ukwakha umnotho ozobasiza kusasa.
Umnotho nolwazi alutholakali emanyuvesi kuphela kodwa kuyatholakala nakumaTVET, okungezinye zezindawo ofundiswa khona umsebenzi wezandla. Phaphama muntu omusha, ikusasa lisezandleni zakho!