ISILOMO somsakazi weGagasi FM sithi ukungaxhamazeli kwezothando yikona okwenze kwaqina uthando lwaso nosengunkosikazi njengoba bazinika isikhathi baba ngabangani bengakashadi.
UMzokoloko Gumede usakaza i-I Love Mornings With Mzokoloko, kuGagasi FM, ngo-6 kuya ku-9 ekuseni.
Unkosikazi wakhe, uNokwazi MaMfusi Gumede (32), uthe bakholelwa ekutheni abantu kumele bazane kuqala ngaphambi kokuthandana. Bathe kuphele izinyanga ezingu-6 bengabangani kwathi ngenyanga ka-9 uGumede wathumela abakhongi.
UMzokoloko owahlangana nonkosikazi wakhe endaweni yokudlela, kuFlorida Road, eThekwini, uthe ukushada kumnandi kakhulu.
“Uthando akumele lukhonjiswe ngoFebhuwari kuphela. Kuhle kakhulu ukuba sothandweni. Abantu banomqondo wokuthi uma ushadile kukhona ubunzima obhekana nabo kodwa ngikholelwa ekutheni kumele nazane kahle nomuntu wakho nithandane seniqondana kahle ukuthi omunye yini ayithandayo,” kusho uMzokoloko.
Uthe engakashadi wayethatha unkosikazi wakhe ahambe naye njengoba ematasa wamkhombisa ukuthi impilo yabantu abangoDJ nabasakazi injani.
“Wayesaba kakhulu sisanda kuthandana ethi akangithembi ngoba ngiwuDJ. Kodwa ngamkhombisa ukuthi le mpilo ayicabangayo akuthina sonke esiyiphilayo, kusukela ngaleso sikhathi uthando lwethu lwaqina kakhulu,” kuchaza yena.
Uthe wamthanda eqala ukumbona uNokwazi kodwa umzala kankosikazi wakhe wayenqaba nezinombolo zocingo lwakhe.
“Ngosuku lwesibili engambona ngalo ngavele ngaqonda kuye ngacela izinombolo zakhe zocingo wanginika nokwangijabulisa kakhulu ngaqala ukukhuluma naye,” kuchaza yena.
UNokwazi uthe ujabule kakhulu emshadweni wakhe njengoba uMzokoloko ezama ukuba ngowesilisa owenza ngamandla akhe onke ukuthi amjabulise.
UMzokoloko uthe banezingane ezimbili, eneminyaka emibili nenezinyanga ezingu-8 okungezabafana.
IValentine’s Day kuthiwa wusuku olwasukela kuSt Valentine waseRome. Udaba oludumile ngaye ukuthi wayenguMpriste wamaRoma ngekhulunyaka lesithathu. Waduma ngemuva kokuba * -Emperor Claudius evale imishado ngenxa yenkolelo yokuthi amadoda aganiwe awabi ngamasosha aqinile. USt Valentine akakuthandanga lokhu wahlela imishado ngasese okuthe uma kuzwakala, uClaudius wamphosa ejele wagwetshwa. Ejele wafike wathandana nendodakazi yomgciniziboshwa wabekelwa usuku lokubulawa ngoFebhuwari 14. Ngosuku abulawa ngalo kuthiwa washiya incwadi enomyalezo othi: “From Your Valentine.” Kuze kube yimanje zonke izithandani zigubha lolu suku.