KUBUKEKA sengathi usazolokhu uqhubekile umkhankaso wokulwa nokushima kubantu baseNingizimu Afrika kuMzansi Magic njengoba kuza uhlelo olusha iKheth’ Omthandayo.
Lolu hlelo oluzobhekela intsha edinga uthando luzodlala ngo-5.30 ntambama ngeSonto.
Luzosiza abaxakekile kwezothando, abangenazo izithandwa zabo kanti sekuqaliwe ukuqoshwa kwalo eGauteng.
Yize sekuqaliwe ukuqoshwa kodwa iminyango ayikavalwa kwabanesifiso sokuyohlwaya inhlanhla ukuqeda umzwangedwa nokushima.
Okhulumela uMzansi Magic, uNondumiso Mabece uthe uthando yinto ebalulekile empilweni yomuntu kanti uma umuntu eludinga angaze aluthole nalapho ebengacabangi ukuthi angaze aluthole khona.
“Ngaphandle kokuthi sizosiza abantu bathole uthando kuzophinde kudlalwe kube mnandi kulolu hlelo. Sifuna athi eqambe emthola umuntu wakhe lowo othungathayo kodwa ebe ethokozile futhi enokulangazelela okuningi njengobungani obuqinile,” usho kanje.
Uluchaze lolu hlelo ngokuthi luzoba nomuntu oyedwa, kungaba owesilisa noma owesifazane ozobekelwa ubulili abudingayo akhethe kubona.
Lesi siteshi sethelevishini kumanje sineDate My Family, Uyang’thanda Na?, okuyizinhlelo zabathungatha uthando. Idumela lazo lezi zinhlelo lishiya isithombe sokuthi baningi abantu abashaywa yigwababa (uvalo lokushela) asebequnge isibindi bajoyina indlela entsha yokuthola uthando phambi kwababukeli.