SELIPHINDE lagaya ngomunye umhlathi kwiNgqwele Kamaskandi njengoba manje sekuhamba phambili iqembu likaKhangelani ‘DSD’ Mhlongo, Osaziwayo, ngamavoti awu-28 698. Nakuba kunjalo kodwa neqembu likaKhayelihle ‘Potso’ Ngobese, Amageza Amahle, alizibekile phansi njengoba lilele isibili ngamavoti awu-27 457.
Akekho owaziyo ukuthi kuyothi kushaya * -Ephreli 1 kuyobe sekuhamba kanjani ngoba sekuhlale kuwugingqigongqo phakathi koSaziwayo naMageza Amahle.
Nasemsileni kusahleli uQhosha Sibisi ngamavoti awu-578 noMroza Fakude wodumo luka-Van Damme onamavoti awu-1 705.
Kwenzeka lokhu nje uchungechunge lweSolezwe lusaqhubeka emahostela akuleli. Kusasa ithimba leSolezwe lizobe lijabulisa abahlali basehostela laseWema, eLamontville, ngo-9 ekuseni bese lidlulela eJacobs
ngo-12 emini.
Kule micimbi kuzobe kunandisa izihlabani zikamaskandi Izindlovukazi ZikaMageba (okungoBoneni, Buselaphi, Vumile noGlama Kamaskandi). Lezi zintokazi zizoqala emcimbini wokwethulwa kwe-CD yazo eMama’s Jazzin eDurban North namhlanje ngo-4 ntambama. Abanye abazobe behambisana nalabo maskandi besifazane eJacobs naseWema ngoNdoni, Amachube Amahle, Omakhedama, Iduna Elimise Kahle, Umaskandi Ofundile nabanye. Kuzobe kutitilizwa imiklomelo enhlobonhlobo kule micimbi. Eminye imiphumela ihamba kanje: 3. Mjikijelwa- 13 124, 4. Khuzani- 12 087, 5. Igcokama Elisha- 8 517, 6. Indodakazi Yentandane-2 460, 7. Bahubhe- 2 423, 8. Imfezemnyama -2 229.