ZITHUSE abaningi izindaba zokuthi uqweqwe lomsakazi weMetro FM, uGlen Lewis, luyashiya kulo msakazo ngemuva kokuyibamba iminyaka engu-22.
Izindaba zokushiya kukaGlen bezingalindelekile ngoba ubesakaza uhlelo abasakazi abaningi abalufisayo okunguhlelo lwasekuseni phakathi nesonto.
Yize noma engakakuqinisekisi ukushiya kwakhe kodwa isiteshi sikaTbo Touch esisakaza nge-internet, iTouch HD, sikuqinisekisile ukuthi usezoba kusona.
Abanye abasakazi abasha abazoba kulesi siteshi bazomenyezelwa namhlanje nokuyinto esiyijahile njengoba bethembisa ulozolo lodwa.
Kuthiwa ukuwa kwenye indlu wukuvuka kwenye ngakho ngikholwa wukuthi njengoba kuhambe uGlen nje abanye abasakazi bazothola ithuba lokuzibonakalisa.
Ngokwami ngibona kungaba kuhle ukuthi kuthathwe uLerato Kganyago noMo Flava bohlelo lwantambama phakathi nesonto bathathe izintambo ekuseni.
Akukhona ukuthi bayabheda ntambama kodwa uMo ungumuntu onomqondo osabalele ngezinto futhi owaziyo ngezinto ezenzekayo. Angaba muhle ekuseni ejabulisa abalaleli aphinde abahlomise ngolwazi ukuze baqale usuku bazi ukuthi kwenzekani ezweni sakhile.
Ngisadidekile ukuthi ngingafaka bani ohlelweni lukaSomizi Mhlongo, Ntombi Ngcobo-Mzolo noKhanyi Mbau. Kodwa kumele kube khona ushintsho okungenani kushiywe ababili kulona. Ukuthi ngobani abangashiywa anginaso isiqiniseko.
ULuthando “Loot Luv” Shosha kumele singakhohlwa wukuthi naye ngoMgqibelo uyezwakala kuMetro futhi uke wabamba uhlelo lukaBonang ngakho abaphathi besiteshi bangamnikeza iWhose Show is it Anyway.
UBonang Matheba akanankinga ku-10 kuya ku-12 yize ebuye ahluphe ngokuthi ubuye angazwakali emoyeni ngenxa yokuba matasa ngezinye izinto.
Ushintsho luyadingeka futhi ohlelweni luka-Amon Mokoena noPearl Modiadie ngo-12 kuya ku-3. Kuke kwathi ngelinye ilanga ngilalele kade uhlelo lungene ngengoma u-Amon eseqala esethi uyakhuluma noPearl wafuna ukuphawula. U-Amon wavele wanengeka wathi akame kancane amlinde aqede ukukhuluma. Kwangicacela nje ukuthi noma sebenesikhathi bendawonye kodwa abaqondani kahle.
Esikhaleni sikaMo noLerato Kganyago singayifaka iKings of the Weekend, uDJ Sphectacula noDJ Naves. Lezi zinsizwa zinomfutho futhi zinamancoko angakusiza upholise ikhanda uma usubuyela ekhaya ngemuva kokuxinwa wumsebenzi.
Lesi kuhlale kuyisikhathi esimnandi emsakazweni lapho sizwa khona ngezinguquko. Nakweminye imisakazo silindele ukubona ukuthi kuzokwenzeka kanjani.