NOKUBONGWA PHENYANE
UWUDLELE esibhedlela ukhisimuzi noNcibijane umculi wokholo uLundi Tyamara owaduma ngengoma ethi "Mphefumulo wami" nokuvela izindaba zokuthi uhlaselwe isifo sofuba.
Ukungeniswa kukaLundi kuthiwa kulandela ukukhala ngobuhlungu esifubeni nokwaphoqa ukuthi ayiswe esibhedlela.
ULundi uke waba nengxoxo neSolezwe ngoMgqibelo, nala ephumele khona obala wathi ucela imikhuleko njengoba ukugula kuya ngokuqina.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni olubikele uthi uLundi useba ngcono kodwa akakaphumi esibhedlela njengoba isimo sakhe bese sisibi kakhulu.
"Ubebambekile yena impela kodwa akusafani manje uya ngokubangcono kakhulu. Isimo sakhe besingasihle kodwa ngenxa yokuzinikela ukuthi ufuna ukuphila wakhuthala wadla amaphilisi wahlala nasesibhedlela," kusho umthombo.
Uthe uLundi ulaliswe esibhedlela i-Edenvale nala umndeni wakhe nabanye ozakwabo befika bezombona njengoba sekunamasonto impela angena.
"Ubelaliswe esibhedlela iJohannesburg ngokududana nabangani waphoqa ngenkani wafuna ukuzikhipha esibhedlela wahamba nangempela. Akuphelanga sikhathi esingakanani wabuye wagula kwaphoqa ukuthi akayiswe kwesinye," kuchaza umthombo.
Engxoxweni aba nayo neSolezwe ngoMgqibelo wakubeka kwacaca ukuthi ukugula kwamqala ebuya ezweni laseChina.
ULundi wathi abahleli bomcimbi babemtshele ukuthi kuyashisa kuleliyazwe kodwa ngesikhathi efika wafika amakhazaza eqhaqhazelisa amazinyo.
Wakucacisa ukuthi wayesegula kakhulu nangesikhathi esecula kuwo umcimbi ayebizwe kuwo.
Nomcimbi okwagcina kuwo ukucula uSfiso Ncwane, eLimpopo uLundi uthe wayekhona kodwa abakhulumanga bagcina ngokubonana kuphela babingelelana bekude.
Nakuwona lo mcimbi umthombo owakhuluma neSolezwe NgoMgqibelo waveza ukuthi uLundi wahluleka ukucula njengoba acula imizuzu engu-15 kuphela waphuma esiteji.
Imizamo yokuthola uLundi ukuze aziphendulele ngokungeniswa kwakhe esibhedlela ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.