LUVULWE ngengoma kaLira ethi ‘Noma Ungahamba” uhlelo lweMetro FM, iThe Front Row, namhlanje ekseni emva kokushiya kukaBonang Matheba izolo. Lolu hlelo namhlanje belusakazwa uLerato Kganyago noDineo Ranaka ofakwe kusaphele usuku uBonang ememezele ukuthi uyashiya kulesi siteshi.
Njengenjwayelo, izinhlelo eziningi zomsakazo zingenisa ngeculo uma seziqala kanti kulokhu abasakazi nophrojusa weThe Front Row bakhethe iculo lika Lira elithi Noma Ungahamba. Kuleli culo uLira uzwakala ethi “noma ungahamba, ngeke ngilile,” kanti abantu abaningi bathathe lokho njengomyalezo obubhekiswe ngqo kuBonang.
Ebhala ekhasini lakhe lezokuxhumana izolo, uBonang, uthe ukhethe ukushiya lesi siteshi emva kweminyaka emithathu ekuso. Uveze ukuthi unengwe ukwaziswa ngezinguquko ohlelweni lakhe sekusele ihora ngaphambi kokuthi luqale.
“Inhliziyo yami ibuhlungu. Ngaziswe ngezinguquko ohlelweni lwami sekusele ihora ngaphambi kokuthi luqale,” kubhala uBonang.
....my heart is broken. I was told about the changes to my show an hour before going on air today...
— Bonang B* Matheba (@bonang_m) April 3, 2017
Lo msakazi izolo kudingeke ukuthi aqale ukusakaza uhlelo lwakhe noLerato Kganyago, nokuyinto okuthiwa ubengahambisani nayo neze ngokwemthombo. Abalaleli nokho bakhombise ukukujabulela ukuzwa iphimbo lika Dineo kulolu hlelo, baphinde bancoma ukusebenzisana kwakhe noLerato.
I know Dineo Ranaka won't sugarcoat anything she will tell it as it is........ I heart her ❤ #AskAMan
— #Trios74 (@Bo_itumelo) April 4, 2017
#askaman the show is going to change @DineoRanaka and @JjSesing go way back together on radio, they will hold it down like they did
— TebzaBrian (@Neo_Moagi) April 4, 2017
#AskAMan. . .Dineo will actually give you advice and back it up. . .it's either black or its white no grey patches. . .
— Bee (@beegvonk) April 4, 2017
No offence but This show doesn't need Bonang. @leratokganyago and @DineoRanaka are just as good. #AskAMan
— Malebo Boss Malemone (@MaleboBossLady) April 4, 2017