AKAZANGE alubhade emcimbini wesikhumbuzo somyeni wakhe unkosikazi kaSfiso Ncwane * -Ayanda okuzwakale izindaba zokuthi kuthe sekufanele angene emotweni eya emcimbini wavukwa usizi kwaphoqeleka ukuthi ahlale ekhaya.
U-Ayanda bekulindeleke ukuba abe semcimbini iGospel All Stars ehlelwa yinkampani yakhe iNcwane Communications owenziwa njalo ekupheleni konyaka eCentrum Park, eWorkshop, eThekwini.
U-Asanda Mpiase okhulumele iNcwane Communications, uthe unkosikazi kaNcwane akakakulungeli ukuba phakathi kwabantu ngenxa yesimo asekusona.
“Kusukela sihlela lo mcimbi besibambisene sonke no-Ayanda obezimisele ukuba semcimbini kodwa kuthe ngomzuzu wokugcina sekumele sivale ehhovisi siye emcimbini wavukwa wusizi kwaphoqeleka ukuthi angabe esaya,” kusho uMpiase.
Uthe * -Ayanda uhlulekile ukuqhubeka nezinye izinhlelo ebezisasele wabuyela ekhaya.
Uthe selokhu kwadlula uSfiso emhlabeni isimo sika-Ayanda asikaze sibuyele kwesijwayelekile uhlezi elusizi, unokhwantalala uvukwa nawumunyu.
“Uyabona * -Ayanda usadinga isikhathi esanele sokwamukela ukushona komyeni wakhe. Selokhu ashona (uNcwane) * -Ayanda unomunyu.
Kulo mcimbi bebesina bededelana abaculi bowokholo becula izingoma zikaSfiso Ncwane abanye bebonga amagalelo akhe esaphila.
Ibhendi kaNcwane ingene ngehora leshumi nanye ebusuku okuyisikhathi abejwayele ukungena ngaso uNcwane esiteji uma ekulo mcimbi.
Emva kwalokho kungene uMuzi Xulu ongumculi wowokholo owayelingisa lo mculi enkonzweni yomngcwabo wakhe.
UXulu ungene noMalusi Mbokazi becula izingoma zalo mculi kwashukuma abantu etendeni lonke.
Abanye abaculi ebebekhona kulo mcimbi nguDumi Mkokstad, Abanqobi, Hlengiwe Mhlaba, Nhlakanipho Cele nabanye.