UMATASATASA uhlanganisa i-albhamu yakhe entsha ezophuma ngasekupheleni konyaka uDJ Merlon (Sibusiso Mhlongo).
UMerlon uveze lokhu engxoxweni neSolezwe njengoba esanda kukhipha ingoma ethi Reflections.
Uthe ujabule kakhulu ukusebenza nabantu abahlonishwayo kuleli futhi okungelula ukubathola.
Usebenze noBlack Coffee noKhaya Mthethwa.
“Bekuyisifiso sami ukusebenza noKhaya noBlack Coffee njengoba bengabantu abahlonishwayo kuleli uma kuziwa emculweni. Bangabantu abathathe izinga lomculo wakuleli balibeka ezingeni lomhlaba. Ukusebenza nabo engomeni yami esiphumile kungijabulise kakhulu. Nayo ingoma ikhona naku-albhamu yami. Ingoma engiyenze no-Unathi ethi Sonini, abantu bayithokozele kakhulu ngakho ngibone kungcono ukuthi ngiphinde ngikhiphe enye futhi,” kuchaza uMerlon.
Uthe maduze uzoshutha i-video yengoma asanda kuyikhipha.
“Abantu bazobona i-video maduze. Kodwa ngingasho nokuthi sengingenile estudiyo ngimatasa ngipheka i-albhamu ezophuma uma sekuyophela unyaka. Ngisebenza nabantu engisebenze nabo kule albhamu engimatasa ngayo manje,” kuchaza yena.
Uthe kulezi zihlabani asebenze nazo ufunde okuningi njengoba bebenza imisebenzi ehlukene emsize kakhulu naye behlanganisa ingoma ephumile.
“UKhaya ubuye aqondise umculo futhi ungumuntu osesebenze nabantu abacula izingoma ezehlukene, lokho kungisizile kakhulu,” kuchaza uMerlon.
Uthe ziningi izinto ezisazoqhamuka azosebenza ngazo.