ISIPHUMELE obala yathi bekunzima ukuthola indawo eyidlalayo manje emdlalweni iThe Queen, intokazi eyagqama kwabaningi ngesikhathi isohlelweni iBig Brother Mzansi ngo-2015.
UMbali Nkosi (27), ozinze eGoli, uthi usebenze kanzima ukuthola indawo kaViolet oyisisebenzi sasendlini kulo mdlalo njengoba bekubonakala sengathi ngeke ayidlale ngendlela.
“Angazi ukuthi yini ndaba bekubukeka sengathi ngeke ngiyidlale ngendlela le ndawo engiyilingisayo kodwa kudingeke ngibhukule ukuze ngibe la ngikhona manje, ngisebenze kanzima ngeke ngiqambe amanga futhi ngiyaziqhenya ngalokho,” kusho uMbali.
Uthe izingqinamba zimqinisilefuthi ukubona kuyinhlanhlaukubonakala kulo mdlalo.
“Ekuqaleni ngabonakala amasonto ambalwa nganyamalala njengoba ngibuyile manje. Kuningi abantu abazokubona, uViolet kukhona inkulumo ayizwile ngakho uzimisele ukuthi amqumbe phansi uHarriet, uzimisele ukwelekelela amaphoyisa ukuze kuvele iqiniso,” kusho uMbali.
Uthe yize engeke asho ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani kulo mdlalo kodwa usazobonakala.
“Ngimatasa kakhulu ngezinye izinto okuhlanganisa nomculo njengoba ngifuna ukukhipha icwecwe kulo nyaka. Kukhona nelinye ithuba lokwethula uhlelo elingase liqhamuke maduze,” kuchaza uMbali othe uyathanda nokusebenza emsakazweni.
Uthe ngesikhathi esohlelweni iBig Brother, wafunda lukhulu kodwa akacabangi ukubuyela ayohlala kuleya ndlu.
"Ngeke ungibone ngiphindela kuleya ndlu, kunzima kakhulu, zisuka kuze kube sekugcineni. Akuyona ngempela impilo leya ephilwa laphaya. Kodwa ngakwazi ukuzithola ukuthi ngingubani njengoba kungekho okuningi okwenzeka khona, kuphela nje ukuhlala nixoxe,” kuchaza yena.
Uthe ekhula ubengumdansi njengoba ake asebenza ngisho nanoThembi Seete ewumdansi wakhe iminyaka.
“Ngelinye ilanga ngifuna ukulingisa emafilimini aboniswa emhlabeni wonke jikelele. Iseyinde indlela engisafuna ukuyihamba, lokhu abantu abakubonayo manje kuseyisiqalo ngisafuna ukuyosebenza naphesheya kwezilwandle,” kuchaza yena.
Umdlalo iThe Queen uthe umkhulise kakhulu.
Uthe uzalwa emndenini omkhulu, abantu bakubo batholakala KwaZulu-Natal naseGoli.
Uthe uhlala nonina nodadewabo ababili, yena uphakathi nendawo kubo.
Uthe ubaba wakhe washona eneminyaka eyishumi.
Ukubeke kwacaca ukuthi ukhona umuntu athandananaye kodwa ngeke asho ukuthi ungubani.