Uthukuthele umculi wowokholo uDeborah Frazer ngokuchayiswa ngomzuzu wokugcina ngabagqugquzeli bomcimbi iGospel All Stars obuseGugu Dlamini Park ngeledlule. Lo mcimbi ubuhlelwa yiNcwane Communications kanti kulo nyaka bekuhlonishwa ngawo uSfiso Ncwane osanda kushona.
UDeborah ukhala ngabagqugquzeli bawo athe badlale ngaye ngomzuzu wokugcina, ekubeni bese bewukhangise ngaye.
Uthe yena ubeqashwe nguSfiso Ncwane kanti uzoshona lungakafiki usuku lomcimbi.
“Ngizitshele ukuthi ngoba akasekho umnikazi wawo mhlawumbe ngeke usaba khona. Abagqugquzeli bawo bathe umcimbi usaqhubeka angizilungiselele ngoba ngizocula. Ngenxa yokuthi bese kunesikhathi ngagcina ukunandisa emcimbini kaSfiso ngenxa yokuthi bengisuke ngiqashwe ezindaweni eziningi, ngivumile ukuya kuwona ngenhloso yokuyovalelisa kuSfiso. Ngize ngayeka ukuyocula eSwazini naseMpumalanga ngoba ngifuna ukuya kokaSfiso,” kusho uDeborah.
Uthe inkinga iqale ngesikhathi umcimbi ususondele esethi uyabathinta abagqugquzeli, bamtshela ukuthi bazobuye bamfonele kodwa lutho. Uthe ugcine eselandelela esefuna ukuzwa ukuthi kwenzekani ngoba bebengakayifaki nemali yediphozi abebevumelene ngayo kodwa bamtshela ukuthi abanye abaculi sebevumile ukuthi bazonandisa mahhala.
UDeborah uthe bekungeyona inkinga ukunandisa mahhala kodwa ucikwe yindlela abamthathe ngayo ekhombisa ukumxhaphaza.
U-Ayanda Mpaise, ongumgqugquzeli womcimbi wakwaNcwane, uthe kwaba nokungaqondani phakathi kukaDeborah nowayexhumana nabaculi ababezonandisa.
“Iningi labaculi ababenandisa babengakhokheliwe. Kukhona ababethe bayanikela kanti abanye babekhokhelwa imali kaphethroli kuphela. Ngicabanga ukuthi abazwisanananga ngesikhathi bekhuluma lolu daba. Akukho ukuxhaphaza abaculi kodwa sakucacisa konke kubona ngesimo sezimali,” kusho uMpaise.