ININGI labantu likhipha izimali ezishisiwe ngoba lihambela izinkulumo zosomabhizini abasuke belicobelela ngolwazi olungenza ukuthi nalo libe nemali.
Engxoxweni nomunye wosaziwayo ongusomabhizinisi, uSbusiso ‘DJ Sbu’ Leope, kungenze ngakuqonda ukuthi kungani abantu abangosomabhizinisi bezifela ngaye.
UDJ Sbu uke wazakhela igama ngokuba ngomnyama wokuqala kuleli ukuba nesiphuzo esinikeza amandla, iMofaya. Noma lesi siphuzo siholele ekutheni axoshwe kweminye yemisakazo ehamba phambili kuleli, iMetro FM, ngesikhathi esikhangisa ngaphandle kwemvume, uSbu uthi izinto sezimhambela kahle.
“Ngikhuluma nawe nje manje sesidayisa iziphuzo ezibalelwa ku-1 million ngenyanga ezitolo zakuleli nakwamanye amazwe e-Afrika. E-KZN sidayisa kahle kakhulu lesi siphuzo njengoba nginabangiphushela sona,” usho kanje.
UDJ Sbu ubuyele emsakazweni nyakenye emenyezelwa njengomsakazi ozovala isikhala sikaLinda Sibiya kwiVuma FM, uphinde azwakale nakwiRise FM eseMpumalanga.
Odabeni olushicilelwe yiSolezwe ngeledlule kubikwe ukuthi lo msakazi uzoshiya kulesi siteshi nonyaka.
Engxoxweni yakamuva ukhombise ukuthi lezi zindaba bezingakafinyeleli kuyena kwazise neVuma iziqinisekisile kwelinye iphephandaba.
“Ngokwazi kwami ngisewumsakazi weVuma futhi ngisazoqhubeka ngizwakale ohlelweni engilusakazayo ngesonto elizayo, nangenyanga ezayo,” kusho yena.
UDJ Sbu uveze lokhu emva kokudalula ukuthi usesebenzisana nalesi siteshi ukuqoqa imali yenhlangano yakhe engenzi nzuzo, iSbusiso Leope Education Foundation (SLEF) esinikeze abafundi abangu-500 imifundaze eminyakeni edlule. Uthi esebenzisana neVuma FM, sebeqoqe imali ebalelwa ku-R100 000 nonyaka kanti ufuna kuphele unyaka sebeqoqe * -R1 million.
“Yonke le mali izoya kubafundi abaphase kahle uGrade 12 abadinga ukulekelelwa bakhokhe imali yasezikhungweni zemfundo ephakeme,” usho kanje.
UDJ Sbu umenywe yiHavard Business School, e-United States azokwethula inkulumo ngoFebruwari 17. Ngo-Ephreli 3 uzobonakala esiteshini sezamabhizinisi iCNBC Africa lapho ezobe engumethuli wohlelo olubizwa ngeBillionairs Under Construction, okuyigama elifanayo nencwadi yakhe yesibili ezophuma ngo-Ephreli nonyaka.
“Kulolu hlelo ngizobe ngikhuluma nosomabhizinisi base-Afrika abahlukene bexoxa ngamabhizinisi abo nokunye. Incwadi yami yesibili, izobe ikhuluma ngengikwenzile ukuze ngibe lapho engikhona namhlanje,” kusho yena.
Kamuva nje lo msakazi uthe uchitha isikhathi esiningi nendodakazi yakhe eneminyaka emine. Uthi ukuba matasa nomsebenzi kwakhe akusoze kwaba yisizathu esanele sokuthi angachithi isikhathi nengane yakhe.
“Ngisanda kuxoshwa kwiMetro FM, isikhathi esiningi bengisichitha ekhaya nendodakazi yami, ngasondelana nayo kakhulu. Nanamhlanje noma ngisebenza ngihlale nginaso isikhathi sayo, ngikhuluma nawe nje ngiyoyilanda ekhaya ngoba asezoqala amakilasi ayo okufundela ukubhukuda,” usho kanje.
USbu unxuse abazali ukuthi bangakhulisi izingane ngemali kuphela, kodwa bazikhulise nangokuchitha isikhathi nazo.