UKHALA ngobuhlungu benhliziyo uThinah Zungu ocula umculo wokholo, owaqala umncintiswano wokuvumbulula abaculi abasha iGospel Icon Discovery noMasipala weTheku njengoba inhlolokhono yanonyaka iqale engazi.
UThinah udalule lokhu ngesikhathi Isolezwe limbuza ngokuthi uhlabe ikhefu yini kulo mncintiswano njengoba uqale engekho ehholo kwa-AA, eMlaza, ngoMgqibelo.
Ubeyijaji ebambisene noDJ Happy Gal noThulani Ga Ndlela. Ngempelasonto ubengekho kukhona uMalusi Mbokazi. Omunye kwabakulo mncintiswano uthe uThinah akasekho kuwona. Ethintwa uThinah ushaqekile uma ebuzwa ngomncintiswano wathi ubengazi nokuthi usuqalile owanonyaka.
“Uma bebona ukuthi sebenele ngami bangaqhubeka ngeke ngimelane nakho. Yize kubuhlungu khona kodwa ngizohlonipha noma yisiphi isinqumo abasithathayo,” kusho uThinah.
Uqhube wathi: “Uma bezoqhubeka nenhloso umncintiswano owaqalelwa yona kulungile.”
Uthe ngabe kungcono ukube bamazisile ukuthi akasadingeki. Inhloko yezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko kuMasipala weTheku, uThembinkosi Ngcobo, ithe ngokwazi kwayo uThinah usekhona.
Uthe kukhona yena, uMthunzi Namba, DJ Happy Gal, Ga noMalusi wathi uMthunzi bamthathele ukuthi azodidiyela iCD yabaculi abaphuma phambili ngonyaka odlule futhi umculi ngamunye uzoba nengoma.
“ICD kuzobe kungeyokugubha i-Essence Festival neminyaka emihlanu kwasungulwa umncintiswano,” kusho uNgcobo.
Uthe bazoba nomcimbi e-ICC ngasekupheleni konyaka lapho bezolanda nabaculi ababa semncintiswaneni kusukela uqala.
Ngesikhathi umncintiswano uqala kwanqoba uBongani Mchunu owahlomula ngenkontileka yokuqopha enkampanini kaThinah.