UCELA ukwesekwa ngumphakathi waseNingizimu Afrika uNtandoyesizwe Kunene oyobanga isicoco sikaMiss Universe 2017. Emcimbini onamuhla eManila, ePhilippines izintokazi zasemazweni angu-85 okubalwa neNingizimu Afrika emelwe nguMiss South Afrika uNtandoyesizwe, zizoqhudelana ngobuhle nangobuhlakani ngaphambi kokuthi kukhethwe odle umhlanganiso.
UNtandoyesizwe uqhuba umkhankaso wakhe ezinkundleni zokuxhumana enxusa abaseNingizimu Afrika ukuba bamvotele ukuze ezobuya naso isicoco.
“Ngizokwenza konke okusemandleni kodwa nani ngicela ningisize ningeseke ngokungivotela ukuze izwe lethu lisinqobe lesi sicoco,” kubhala uNtandoyenkosi ekhasini lakhe lakuFacebook.
Ube eseveza isithombe sakho konke okwenzekayo
selokhu efike ePhilippines. Indlela yokuvota ngukuya kuTwitter ubhale ukuthi #Miss UniverseSouthAfrica
noma ukuya ekhasini elithi vote.missuniverse.com noma usebenzise iVodi App.
Uma ethole amavoti anele kahle, lokho kuzombeka ethubeni lokuthi angene kwabangu-12 abazoncintisana phambi komhlaba.
Lo mcimbi uzophinde uphathwe ngusomahlaya, uSteve Harvey wase-USA owashaya udaka ngo-2015 ememezela onqobile.
Uma kwenzeka enqoba uNtandoyesizwe kuzobe kungesikhona okokuqala ukuba sidliwe owaseNingizimu Afrika kwazise
ngo-1978 sanqotshwa nguMargaret Gardi.