IZINTOKAZI ebezisabeke amathemba kumrepha ongenise ngengoma eshisa izikhotha 'Ingud’ kumele zikhohlwe njengoba esemtholile umaqondana.
UKwesta uzobe ehambise umembeso ekhweni lakhe kwaMvelase eWestville, eThekwini ngoMgqibelo.
Ingoduso yakhe uYolanda, yindodakazi kaVusi Mvelase ongumsunguli wemiklomelo yezindondo zabaculi bamakhwaya ama-Nacma.
Ngesikhathi ethintwa ngalezi zindaba uKwesta, uthe: “Yinto yomndeni le ezokwenzeka. Bengithanda ihlale iyimfihlo kungabi khona okuzobhalwa ngayo. Ngicela ukungachazi okuningi ngawo.”
UVusi Mvelase uvumile ukuthi ikhona into enjalo ezokwenzeka, kodwa akathandanga ukwanda ngamaningi ngalo mcimbi.
“Khona yinto ebengingathandi ukukhuluma ngayo, kodwa manje ngiyabona ukuthi uKwesta ungusaziwayo akulula ukuthi ihlale ifihlekile into ayenzayo,” kusho uMvelase.
UKwesta noYolanda banendodakazi kanti sebeneminyaka eyisishiyagalombili bethandana.
Uthe baqale ukuthandana uKwesta engakaziwa kakhulu emculweni.
Umthombo uveze ukuthi uMvelase ubengayizwa kahle indaba yokuthandana kwendodakazi yakhe noKwesta phambilini.
“Uze wayixosha ekhaya iminyaka emibili ngesikhathi ikhulelwe ingane kaKwesta. Ugcine ehlise umoya ngoba ebona ukuthi bazimisele ngoba abahlukananga ngesikhathi eyixoshile.
Usamamukela uKwesta njengomkhwenyana wakwakhe. Naye uKwesta ukhombisile ukuthi uzimisele ngayo ngoba uke wakuveza ohlelweni lukaPearl Modiadie kwaSABC1, Izaziwa ukuthi uthandana nobani,” kusho umthombo.
Ngosuku lomcimbi kuthiwa kuzobe kufinywa ngendololwane kwaMvelase.
Kulezi zinsuku uKwesta usanda kukhipha ingoma esihloko esithi Ngiyazifela Ngawe, lapho ekhuluma khona ngomuntu wesifazane amthandayo okuyinto ekufakazelayo ukuthi kunowesifazane amuzwa ngaphakathi.