ULundi ubesehlale esibhedlela isikhathi esingangenyanga njengoba bekubikwa ukuthi une-TB yesisu nesibindi sakhe bese singasebenzi kahle.
Imenenja kaLundi, uMnuz Anele Hlazo, ithe konke sekulungisiwe ngezinhlelo zokufihla lesi sihlabani.
“Umndeni usuhlangene wabona kungcono ukuthi kufihlwe ngeSonto njengoba sekuphothuliwe konke. Siyabonga kakhulu ngemiyalezo esiyitholayo kubantu abahlukene kuleli ngisho nasezikhulwini zikahulumeni,” kusho uHlazo.
Uthe bazoba nenkonzo yesikhumbuzo kusasa eGrace Bible Church, ePimville, eSoweto.
“Inkonzo izoqala ngo-2 ntambama, kulindeleke abaculi abahlukene bokholo nabaningi abavela endimeni yomculo.” Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iSunday Tribune lihambele umndeni kaLundi okhale ngokuthi usathukile ngemuva kokudlula kwakhe emhlabeni.
Udadewabo kaLundi, uBabalwa Tyamara uhluleke ngisho ukuzibamba izinyembezi ngesikhathi kuxoxwa ngaye. Udadewabo omncane uNomabhelu Charles uchaze umfowabo njengomuntu obephansi futhi enothando.
Uthe uLundi waqala ukucula esafunda amabanga aphansi.
“Ubewuthanda kakhulu umculo kusuka emncane bekubonakala ukuthi uya kude ngomculo wakhe futhi uzojabulisa abaningi,” kusho uNomabhelu.
Ugogo kaLundi, uNkk Phyllis William, uthe bebenethemba lokuthi uzoba ngcono akwehlule ukugula kodwa lokho akwangenzeka.
“Besizwa ukuthi ubambekile kodwa sinethemba. Sidabuke kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni kodwa sikwamukele manje kodwa izinhliziyo zikhala igazi njengoba konke kusekusha,” kuchaza uNkk William.
Amaqembu epolitiki nosaziwayo asebenze nabo lo mculi badlulise amazwi enduduzo emndenini wakhe.