UMCULI kamaskandi, uGadla Nxumalo, uphendule ngengoma evuthayo kuQhoshangokwenzakwakhe Sibisi onengoma ethandwayo “ahlekisa” kuyona ngamavukane ngokulingisa abaculi abadumile.
UNxumalo wodumo lwengoma ethi Udumo LwamaNgidi, ugxeka isenzo sikaQhosha ngakubize ngokubukela phansi abaculi abasafufusa emculweni kamaskandi engomeni yakhe ethi Amavukane Asemaningi ekwi-albhamu yakhe yanyakenye esihloko esithi Bakery. Izinhlamvu zale ngoma zithi: “Ningang’soli uma ngiphambanisa amagam’abaculi. Ningixolele uma ngiphambanisa amagama abaculi, la mavukane asemaningi ayangidida.”
Ingoma kaNxumalo azwakala ephendula ngayo uQhosha ufolosa ngayo ku-albhamu yakhe etsha ethi Odumangeze asanda kuyiqopha. Isihloko sengoma sithi Angiselona. Izinhlamvu zayo zithi “Thula, Thula, Thula angilona ivukane mina, ngidlala abaculi abagwazela abasakazi. Thula, Thula, Thula angilona ivukane mina sidlala abaculi abagwazela izintatheli....Uwaphambanisa kanjani la magama, akudida kanjani la magama?”
UGadla ubenandisa emcimbini waminyaka yonke owenziwa yiMeya yaseMlalazi, uThelumoya Zulu, Umlalazi Mayoral Cup ngoMgqibelo.
“Mina ngiyabuza ukuthi amavukane akudida kanjani ngoba awukwazi ukuqalaza umuntu ongemuva kwakho wena ube uphambili futhi noma uphambili awukwazi ukulokhu uqalaza ngemuva.
Buka abantu abakuphahlile ukuthi benza njani. Musa ukuqalaza izingane ngemuva, yikho ngithi akudida kanjani amavukane, asekudida kanjani la magama. Amavukane asemaningi, ayakudida. Uwanake nani amavukane,” kusho ingoma kaGadla.
QHOSHA
UQhosha uthe ucela ukungaphenduli ngomsebenzi womunye umculi.
“Ukuba ungibuza ngomsebenzi wami ngabe ngiyaphendula. Ngicela ungibuze ngezingoma zami. Ngeke ngikwazi ukuphawula ngomsebenzi womunye umuntu,” kusho uQhosha.
UGadla ukhale ngokushaywa indiva kwabanye abaculi kumaskandi emicimbini emikhulu nasemisakazweni ngoba kusatshwa amagalelo abo. Eminyakeni edlule amacwecwe akhe amane ahlulekile ukumakhela ugazi kubahleli bemicimbi nakuba abedumile kubalandeli bomculo.
“Kukhona abaculi abakwazi ukuvalela abanye ngoba bayazi ukuthi uma ededelwa uzosikhombisa ukuthi uyasihlula. Kungcono sigijime siye ngale siyomvimba. Abaculi manje bagwaza kabili, bagwazela ukuthi kuvele bona, baphinde bagwazele ukuthi angadlalwa omunye umculi. Ngeke umbambe umuntu ngophondo uma uphambili kunaye,” kusho uGadla.
“Uma sizodlala esiteji siyabonakala ukuthi laba bantu bayinkinga kodwa uma kudlalwa izingoma (emisakazweni) abalandeli bezwa ukuthi kudlalwa izingoma zabanye, engaveli lo muntu, babona ukuthi uyivukane.
Ngeke adlalwe ngoba uyivukane. Le nto idalwa yizintatheli, abahleli bemicimbi nabasakazi.”