UKHALA ngabamenzele phansi ngokuphambanisa izinombolo zokuvota kumaSouth African Music Awards (Sama) uMusa othi yikho okuholele ekutheni ingoma yakhe ethi Mthande ingabi khona kwezingu-10 ezingase ziqokwe njengeRecord of the Year.
Ingoma kaMusa ibikwezingu-20 ebezivotelwa ngabantu nokuthe ngoLwesihlanu kwamenyezelwa ezingu-10 ezizoqhubeka nokuvotelwa kuze kuba ngamaSama eSun City, eNorth West, ngoMgqibelo ebusuku.
“NgoMeyi 12 kwiLive Amp kwafakwa inombolo yami kamakhalekhukhwini kuthiwa abantu abavote kuyo. Kusukela lapho abanye bebevele bavote kimi, abanye bathumela u-please call me, abanye bayangifonela. UWhatsApp wami awusasebenzi ngoba bebengifaka emaqoqweni engingawazi abanye bengibingelela nje,” kusho uMusa.
I-Live Amp, ekhonjiswa kuSABC1 ngo-7.30 ebusuku ngoLwesihlanu inababukeli abangu-3 705 012, ngokwezibalo zeBroadcasting Research Council of South Africa eziphume ekuqaleni kwenyanga.
Isikhulu seRecording Industry of South Africa (RiSA), eyengamele amaSama, uNhlanhla Sibisi, sithe udaba lubikiwe kubo futhi basaluphenya.
UKaizer Kganyago, okhulumela iSABC, izolo emini uthe belusanda kufika ezindlebeni zakhe udaba.
“Sisazama ukuqonda ukuthi kwenzekeni. Anginayo imininingwane ephelele okwamanje,” kusho uKganyago.
UMusa ubona leli phutha limphazamisile ngoba indodo ebeyibheke ngabomvu.
“INingizimu Afrika iyazi ukuthi bekuyingoma ebithandwa eculwa ngisho yizingane ezincane. Nangendlela ethengwa ngayo kuyasho,” kusho uMusa.
UMusa usenenombolo entsha yocingo njengoba ethe uphoqeleke ukuthi ayishintshe abeyisebenzisa.
“Kungilimazile ngoba leya endala ibingisiza nasebhizinisini,” kusho yena.
Usenalo ithuba lokuhlomula ngomklomelo njengoba eqokwe emunxeni weBest Male Artist of the Year, Best Afro Pop Album neBest Collaboration Album.