AYIVUSELELWANGA inkontileka yomlingisi woMuvhango okuvele izindaba zokuthi uyashiya kulo mdlalo.
ULesley Musina odlala indawo kaNdalamo ushiya lo mdlalo ngemuva kweminyaka emithathu aba yingxenye yawo.
Ngonyaka odlule kwake kwavela izindaba zokuthi lo mlingisi uyashiya kodwa abadidiyeli bawo naye uqobo baziphika lezi zindaba.
Waveza ukuthi konke lokhu bekungamanga njengoba kukhona umngani wakhe oseduze naye osabalalise lezi zindaba ezingekho.
Okhulumela uMuvhango, * -Amanda Ngudle, ukuqinisekisile ukuhamba kwalo mlingisi wathi indawo akade eyidlala ibisiphelelwe isikhathi.
“Inkontileka ifinyelele ekugcineni, akukho obekunge-nziwa, ngakho kuthathwe isinqumo sokuthi akhululwe.
Ababhali babonile ukuthi ukumgcina ngeke kusize ngalutho, indawo yakhe ibingeke ilethe lutho olusha kulo mdlalo,” kusho * -Amanda.
Uthe indawo ebilingiswa nguLesley ibiqave kakhulu ngakho bekuzodabukisa kakhulu ukumgcina adlale indawo engadonsi mehlo ababukeli.
“Ngeke ngisho ukuthi indawo kaNdalamo iyaphela nya kulo mdlalo. Kodwa ngoba akukho mngcwabo ozoba khona, asazi ukuthi kuzokwenzakani ngoNdalamo, ababukeli abaqhubeke babuke lo mdlalo,” kuchaza * -Amanda.
Imizamo yokuthola lo mlingisi ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Kodwa enkulumeni abe nayo nelinye lamaphephabhuku aphuma kanye ngesonto uthe uzobonakala okokugcina kulo mdlalo ekupheleni kukaMeyi.
Uthe yize eshiya kulo mdlalo kodwa uyohlala uyikhaya kuye futhi umenze waba nabangani abaningi akade elingisa nabo.
Le nsizwa ithe lo mdlalo uyikhulisile ngakho ibona sekuyisikhathi sokuthi iphinde ikhule kwenye indawo yezokungcebeleka.
“Okwamanje ngizobhekana ngqo nomsebenzi wami wokwethula uhlelo iSpeak Out kodwa ngiyakuthanda kakhulu ukuba uDJ nokuba umethuli wezinhlelo emsakazweni,” kuchaza yena.