IDINWE iyaveva intokazi yaseMgungundlovu esanda kuqopha umlando ngokuba ngowesifazane omnyama wokuqala ukunqoba ama-Idols SA. Le ntokazi ikhala ngokusetshenziswa kwegama layo kabi enkundleni yokuxhumana, uFacebook.
UNoma Khumalo uthi siyamcasula isenzo sabantu bakuleli abavule ikhasi ngegama layo, bethi baphisana nge-albhamu enecwecwe layo. Emasontweni adlule ngemuva kokudla umhlanganiso, uNoma ukhiphe i-albhamu enecwecwe lakhe lokuqala elithi “Joy”.
Kuleli khasi elikuFacebook kubhalwe ukuthi le ntokazi iphisana ngamaCD ayo, abawafunayo abatshele abanye ngaleli khasi.
“Yazi le nto ingiphethe kabi kakhulu futhi iyangicasula. Ngicela abantu bayiyeke le nto abayenzayo, abaziphathe kahle bayeke ukusebenzisa amagama abanye abantu befuna ukwenza izinhloso zabo ezingezinhle,” kusho uNoma.
Uthe indlela asebenza ngayo nenkampani aqopha ngaphansi kwayo ayimvumeli ukuthi anikeze abantu amaCD akhe ngale ndlela.
“Ngiyacela abantu bangalinaki leli khasi ngoba kungenzeka kugcine kwenzeke okubi kakhulu kunalokhu okwenzekayo manje ngegama lami. Ngiyabathanda kakhulu abalandeli bami, uma kukhona engikwenzayo ukuze ngibathokozise, zikhona izimemezelo ezizokwenziwa ngendlela hhayi lokhu okuvela manje,” kuchaza uNoma.
Uthe unalo ikhasi elinesithombe esinobuso bakhe, esinye isithombe esikhombisa amanzi ngemuva futhi elinabalandeli abangaphezu kuka-109 000.
“Ngikhathele ukuthola ama-inbox khona kuFacebook abantu bengibuza ukuthi bazowathola nini amaCD abo nokuba nzima kakhulu ukubaphendula ngoba yonke le nto isibuya kimi manje, ingathunaza igama lami,” kuchaza uNoma.
Unxuse nabantu abasebenzisa amagama abantu abadumile emphakathini ukufeza izinhloso zabo wathi abawuyeke lo mkhuba ngoba ungagcina wenze omkhulu umonakalo.
Kwenzeka konke lokhu nje uNoma uke wasolwa ngomunye wabadidiyeli bomculo ukuthi leli culo avule ngalo iJoy walithatha kuyena.