IBHANTSHI ligcwale umoya kumrepha uRiky Rick (osesithombeni) oxoshwe yinkampani abengaphansi kwayo iMabala Noise ngenxa yenkulumo yakhe ayenza ngesikhathi kunemiklomelo yezindondo zamaMetro FM Music Awards.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto ngomthombo walo ongashayi eceleni, lo mrepha uphucwe nezimoto ezine abezinikwe yile nkampani.
“Into ecasule kakhulu iMabala Noise indlela aziphathe ngayo kumaMetro FM Music Awards. Inkulumo yakhe iphoxe kakhulu njengoba athi nendondo ayitholile akayijabuleli ngoba ithengiwe,” kusho umthombo.
Ngesikhathi ezanywa ocingweni lwakhe uRiky Rick uthe ucela ukuthunyelelwa imibuzo ekhelini lakhe lonyazi (e-mail). Uma esethunyelelwe akayiphendulanga.
Uphinde wazanywa kodwa ucingo engasalubambi uma efonelwa.
Okhulumela iMabala Noise uMhlo Gumede ukuchithile ukuthi lo mculi akaseyona ingxenye yenkampani.
“Thina sinenkontileka noRiky Rick engakanqanyulwa. Ngokwazi kwethu useyingxenye yenkampani njengoba lungekho noshintsho olwenziwe kwinkontileka yakhe."
Izolo kuvela izindaba zokuthi lo mrepha uxoshiwe nje, igama lakhe belingekho ohlwini lwabaculi balesi sitebela abebezonandisa emcimbini wokujabulela ukunqoba kumaMetro FM Music Awards iMabala’s Metro Awards Celebration Concert obuyizolo eHouse 22 ePitoli.
Maqondana nokungafakwa kwegama likaRiky Rick emcimbini uMhlo uthe akubona bonke abaculi beMabala Noise abebezonandisa kulo mcimbi.
Uveze ukuthi bekubhekwa ukuthi obani abazobe bekhona bengaqashiwe kwezinye izindawo nokuthi bakufanele yini ukuthi banganandisa ekilabhini.