UMSAKAZI weGagasi FM nophinde abe ngusomahlaya usephendukele eNkosini.
UMpukane utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi usesindisiwe ebandleni iPinetown Christian Centre maqede wayeka zonke izinto zomhlaba.
Uthe uqale ngokuthi ayeke utshwala ngaphambi kokuba akhethe iNkosi.
Uthe usenezinyanga ezintathu ebhabhadisiwe ebandleni.
“Ngibonile ukuthi izinto zami azihambi kahle ngase ngithatha isinqumo sokuyeka utshwala. Abanye ozakwethu njengoSimphiwe Shembe noSiyanda Maphumulo uyabona ukuthi izinto zabo zihamba kahle njengoba bengaphuzi. Okwami bekungahlangani ngenxa yokulibala wutshwala,” kusho uMpukane.
Uthe empilweni ushayeke kakhulu njengoba elahlekelwe yikho konke anakho ngenxa yotshwala.
Uqhube wathi utshwala bumenze wadayisa imoto yakhe ngenxa yokuxakeka.
Uthe isitolo sakhe abeziphilisa ngaso naso sigcine siwile ngenxa yotshwala. Uthe usehambe izinyanga nezangoma ezama ukulungisa impilo yakhe, kodwa konakale kakhulu.
Uthe uqale ukuya esontweni nyakenye ngesikhathi eqashwe yibandla asekulo ezonandisa.
“Nakhona ngangiya nje ngizitshela ukuthi kuzoba nzima ukuhlekisa amakholwa, kodwa kwenzeka. Ngike ngaba madolo nzima ukuthi ngiqhubeke nokukhonza njengoba bebenginxenxa ukuthi ngikhonze khona. Ngesikhathi sengishayekile ngigcine ngiya khona. Izinto zami zaqala ukucaca kancane,” kusho yena.
Uthe ukubheda kwezinto kumcacele kakhulu ngesikhathi exoshwa emdlalweni wethelevishini iRhythm City, ayefonelwe ukuthi azolingisa kuwona. Udalule ukuthi ngesikhathi eqala ukulingisa bamtshela ukuthi abakaze bambize akahambe.
Uthe kwahlula ngisho eseveza ubufakazi bokuthi ubizwe yibona.
UMpukane uthe njengoba esesindisiwe ngeke isazwakala inhlamba emahlayeni akhe. Lokho uthe kuzoqala ukuzwakala emcimbini wakhe wamahlaya iKasi Comedy Show ozoba sePinetown Civic Hall ngoMashi 31. Uthe kuzoba ngokokuqala eba nomcimbi omkhulu.