USOMAHLAYA osezakhele ugazi kwabaningi, uSiyanda ‘Gonzo’ Maphumulo, uthi usekhethe ukuwuphendula uhambo oluwumjikelezo wezwe umcimbi wakhe wokuqala wamahlaya awuphe isihloko esithi, Iyenzeka Leyonto.
USiyanda ngenyanga edlule ushaye into ecokeme emcimbini wakhe wokuqala, obuseDurban Christian Centre, eBerea.
Indlela okwagcwala ngayo kuwona kwaze kwadingeka ukuthi kulandwe ezinye izihlalo ukuze indawo ikwazi ukumumatha wonke umuntu owayefuna ukungena.
Uthe ngenxa yokugcwala kunabanye abantu abagcina bengakwazanga ukungena nokuyikho okumgqugquzele ukuthi ahambele kwezinye izindawo.
“Isizathu sokuthi ngiwuphendule uhambo oluzoba umjikelezo ukuthi ngiyazi kunenqwaba yabantu eyaphuthelwa eyayifisa ukuwubona. Abanye babantu abagcina bengakwazanga ukungena babevela ezindaweni ezikude njengaseGoli nase-East London. Ngibone kungcono ukuthi ngibahambisele lo mcimbi,” kusho uSiyanda.
Uthe olandelayo uzozoba seWinston Churchill Theatre, eMgungundlovu, ngo-Ephreli 1, bese elandela ngeMpangeni ngoMeyi 5, endaweni asazoyiqinisekisa. Amathikithi omcimbi ozobe useMgungundlovu aseyatholakala eComputicket ngo-R200.
“Ngifisa ukwazisa abantu ukuthi isimemezelo sami asiyona i-April Fool’s Day, ngoba nayo ingomhlaka 1okuwusuku olwaziwa ngokudlala ngabanye abantu, mhlawumbe bazozitshela ukuthi ngiyadlala. Vele nayo ikhona, kodwa umcimbi wami owangempela, angibakhohlisi,” kusho lo somahlaya.
Ngaphandle koMgungundlovu naseMpangeni, uSiyanda uthe ngoJuni uzodlulela eMpumalanga, eGoli, nase-East London. Uthe usasezinhlelweni zokuya naseKapa.