IZINSIZWA ebezicabanga ukuthi zisengabeka amabil noma amathathu kumsakazi woKhozi FM, uSthandwa Nzuza, kumele zikhohlwe ngoba usethenjiswe umshado.
USthandwa (33) ushayela Ikhwezi loKhozi ngo-2 kuya ku-4 ngoLwesihlanu entathakusa, iBhampa 2 Bhampa ngo-8 kuya ku-11 ebusuku ngoLwesihlanu aphinde abuye ngoMgqibelo ngo-12.30 nohlelo Ukhozi FM Top 20.
USthandwa uthenjiswe umshado emcimbini obungeSonto eThekwini. Umsunguli wamaCrown Gospel Music Awards, uZanele Mbokazi, ufake isithombe sakhe noSthandwa besemcimbini ku-Instagram wathi ubefanele azozibonela umcimbi kaSthandwa ethembisana umshado nomngani wakhe.
NoSthandwa izolo ekuseni ufake isithombe sakhe ekhasini lakhe le-Instagram. Ucaphune umbhalo weBhayibheli encwadini yeZaga 18:22 othi: “Ofumana umfazi uthola okuhle.”
Uthe uyinto enhle kwathandana naye.
Ekhuluma neSolezwe uthe ngeke amdalalule umuntu athandana naye ngoba ubudlelwano babo buyimfihlo.
“Ngithathiwe," kusho uSthandwa.
“Ngeke ngiphawule kakhulu. Angikaze ngimfake nasezinkundleni zokuxhumana, ngizifaka mina.”
Kuthiwa umyeni kaSthandwa ungumuntu okholwayo kakhulu. Ezinyangeni ezedlule uSthandwa ubonakale elokhu efaka izithombe nama-video esenkonzweni. Akucaci ukuthi nguyena yini uyise wendodakazi yakhe, uHlelo, oneminyaka emibili.
USthandwa kwake kwabikwa ukuthi uyingoduso kaMartin Vilakazi, owayengumphathi weMetro FM.
USthandwa, odlala indawo ka-Innocentia oshadele esithenjini kuZalo, ngenyanga eyedlule utshele Isolezwe ukuthi akasicabangi isithembu.
“Kumele ube nami noma uhambe. Ngisho ngikhuleka angisikhulekeli isithembu kodwa ngikhulekela umshado nomuntu oyedwa. UNkulunkulu uzongiphendula maduze.”