UZOLIBHEKISA kwelaseManila, ePhilippines uzime wakuleli osaphethe isicoco sokuba uMiss South Africa, uNtandoyenkosi Kunene, njengoba eyoqhudelana nabanye bomhlaba emcintiswaneni kaMiss Universe.
Le ntokazi yaseMpumalanga izofulathela elakuleli namhlanje njengoba umcimbi kulindeleke ukuthi ubanjwe ekupheleni kwenyanga kaJanuwari.
UNtando uya kulo mcimbi ngemuva kokuba yingxenye yabanye ozime abebengenele uMiss World, okade ubanjelwe eMelika ngenyanga edlule.
Uhamba nje uzobe eyingxenye yezintokazi ezingu-85 zakwamanye amazwe ezizoba yingxenye yomcimbi.
Umcimbi kaMiss Universe uzobonakala kuFOX Television Network, kuDStv (Channel 125 ), nala kuzobe kusakazwa bukhoma enxanxatheleni yezitolo i- Asia Complex, eManila.
UNtandoyenkosi uthe ufunde okuningi ngokuba nezintokazi ebeziyingxenye kaMiss World.
"Sengikulindele ngabombu ukuya kulo mcimbi kaMiss Universe, ngihlangane nezinye izintokazi ezivela emhlabeni wonke," kusho uNtandoyenkosi.
Le ntokazi ithe izobe igqokiswe umsiki wengqephu uQuiteria & George kulo mcimbi.
Usomahlaya uSteve Harvey uzobuye abe ngumphathi wohlelo yize enza iphutha emcimbini ofana nalona ngonyaka odlule, ngesikhathi ememezela intokazi eyayikhale ngaphansi ethi idle umhlanganiso.
Lesi sigameko sasabalala ezinkundleni zokuxhumana saphenduka ihlaya kwabaningi.
Umcimbi kaMiss Universe waqala ngo-1952, njengoba usudonse iminyaka engu-64.
Uma kwenzeka uNtandoyenkosi ewudla umhlanganiso uzobe engaqali njengoba uzime wakuleli uMargaret Gardiner wasithatha lesi sicoco ngo-1978. Ezinye izintokazi zase-Afrka ezake zawina lesi sicoco kukhona kubo intokazi yaseNamibia, Michelle McLean ngo-1992, intokazi yaseBotswana uMpule Kwelagobe ngo-1999 nowase-Angola, uLeila Lopes ngo-2011.
Uma ebuya ePhilippines uNtandoyenkosi kulindeleke ukuthi adlulisele isicoco kwenye intokazi njengoba kuzobanjwa umcimbi wokukhetha uzime kaMiss South Africa, ngoMashi.