ILUQALE kahle usuku lwayizolo njengoMiss South Africa 2017 intokazi yaseWesten Cape, yemukela imoto ezohamba ngayo iNissan Juke.
UDemi-Leigh Nel-Peters (21) waseSedgefield, uhambe nesicoco sikaMiss South Africa, ebesikade siphethwe yintokazi yaseMpumalanga, uNtandoyenkosi Kunene.
Kulindeleke ukuthi uzime ahlabane nangeminye imiklomelo inani layo elilinganiselwa ku-R2million ngokuzuza kwakhe umqhele.
Umcimbi kaMiss South Africa, ubuseSun City, eNorth West, ngeSonto ebusuku.
Enkulumeni yakhe ebonga ngokuvotelwa ngabantu baseNingizimu Afrika namajaji uthe ukuphumula akukho ngoba uzimisele ukufaka isandla noma yikuphi la kudingeka khona.
“Ngibonga umdali ngazo zonke izibusiso asenginike zona. Bengihlala ngibuka uMiss South Africa ngisemncane ngikufise nami futhi ngizitshele ukuthi ngelinye ilanga ngizohamba kulesi siteji,” kusho uDemi-Leigh.
Uthe ukufezeka kwesifiso kusho ukuthi uzosebenzela abantu baseNingizimu Afrika izinsuku eziwu-365 zonyaka.
“Ngizoba yizwi lalabo abasaba ukukhuluma nalabo abangakwazi ukuzikhulumela futhi ngizolimela kahle izwe lakithi elihle. Ngizimisele ngokulalela, ngibe khona kwabangidingayo, ngisize nalapho kudingeka khona,” kuchaza le ntokazi ethe ifuna izwi labantu abanganakwa lizwakale noma kuphi.
Uthe uzohamba ezinyathelweni zabo bonke abesifazane abake bawina umncintiswano abayimela kahle iNingizimu Afrika.
Uzime usanda kuqeda izifundo zeB.Com kwezamabhizinisi. Ubemodelela enye yezinkampani uma engenzi lutho.
Ekhuluma ngezinto ezikhonzile empilweni yakhe, uthe uthanda umculo ka-Enya, Adele noTaylor Swift. Kuthelevishini uthe uthanda umdlalo iSuits nomlingisi wayo uDonna.
Ukudla azifela ngakho yizimbambo zengulube (pork ribs), imifino ehlukene nomsila wenkomo (Oxtail) nesitambu.
Uthe njengoba ezuze isicoco angajabula ukuhlangana noBasetsana Kumalo bakhulume ngamabhizinisi ngoba angafunda okuningi kuye.
Phakathi kwabaculi abanandise emcimbini kubalwa uLira, Thami Shobede, Matthew Mole noLebo M.
Umcimbi ubuphethwe nguProverb noLalla Hirayama.