UZOMISWA isonto elilodwa uMajota “Phat Joe” Nkambule (osesithombeni) ongumsakazi wesiteshi i-East Coast Radio (ECR), okuyisiteshi somsakazo esizinze eMhlanga, eThekwini.
UPhat Joe, wenza uhlelo olungena ngo-3 ntambama luphele ngo-6. Ngeledlule uPhat Joe, ohambisana noZaba Simbine ngesikhathi bexoxa nale ntokazi uthe uzizwa njengomuntu onesifo sabantu abathatha kancane (Down Syndrome).
Lokhu akwehlanga kahle kwabanye abalaleli balolu hlelo njengoba bebhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi lo msakazi akakhulumanga kakhle futhi kumele athathelwe izinyathelo.
Laba balaleli baveza ukuthi bazofaka isikhalo kwiBroadcasting Complaints Commission of South Africa (BCCSA), bekhala ngenkulumo kaPhat Joe.
USamuel Sherwen, ezinkundleni zokuxhumana ubhale ukuthi: “Ngumuntu ongenazwelo emhlabeni uPhat Joe,” wagcina ngokuthi #phatjoemustfall.
Omunye uJen Tapsell uthe: “UPhat Joe indlela akhulume ngayo ngesifo sabantu abathatha kancane iyacasula futhi iyanyanyisa njengaye. I-ECR izoqhubeka nokulahlekelwa abalaleli uma ingamxoshi lo msakazi.”
Lo msakazo ngemuva kwesikhashana umbizile lo msakazi wagcina ngokummisa.
“Asivumelani namazwi akhulunywe nguPhat Joe, sithathe isinqumo sokuthi ame emsakazweni isikhathi esingangesonto. Sizoqhubeka sinitshela ngokunye okuzokwenzeka njengoba kumele nikwazi konke esizokwenza ngalolu ndaba,” kuchaza isitatimende se-East Coast Radio.
Isolezwe lizamile ukumthinta kodwa akatholakalanga ocingweni lwakhe.