NGUQHUDEQHUDE manikiniki mnike isongo lakhe kubaculi bakamaskandi kulo nyaka. Ngenhloso yokuthuthukisa nokubeka umculo kamaskandi ezingeni elicokeme, Isolezwe liqhamuke nomqhudelwano obizwa ngokuthi iNgqwele Kamaskandi.
Kulo nyaka kutonyulwe abaculi bakamaskandi abawu-30 abazodlana imilala. Abalandeli balo mculo bazovotela abalishumi abazodlulela emzuliswaneni wamanqamu.
Ukungena kuTop 10 kuzonqunywa yisibalo samavoti.
Abaculi abazodlulela kule Top 10 bazoba yingxenye yekhalenda lalo nyaka elizoshicilelwa yileli phephandaba. Ozodla umhlanganiso uzotitiliza indathane yemiklomelo nesizumbulu semali, okuzomenyezelwa uma sekukhishwa abangene kuTop 10.
Nomlandeli ozobashaya emakhanda ngokuvota kakhulu uzozihlomulela eyakhe imiklomelo.
Abaculi abatonyuliwe ngabebesematheni sekuzophela unyaka owedlule, abanye bebonakala nasemicimbini kanye nasemincintiswaneni ehlukahlukene beqhudelana nabanye.
Umhleli weSolezwe, uNkk Slindile Khanyile, uthe njengephephandaba elinabalandeli abaningi bomculo kamaskandi babone kungumqondo omuhle ukuthi bafake isandla ekuthuleleni abaculi balolu hlobo lomculo isigqoko ngokuthi banikeze abafundi ithuba lokuthi bazikhethele bona lowo abamvumayo ukuthi uyingqwele kamaskandi.
“Ngokwenza lo mncintiswano sikholwa ukuthi kuzowudlondlobalisa lo mculo futhi senzela ukulethela abafundi bethu enye yezinto esazi kahle ukuthi bayayithokozela ngoba umculo kamaskandi bayawuthanda, abafundi beSolezwe.
“Sikholwa ukuthi njengoba siwuqala kulo nyaka, sizowuqhuba njalo ngonyaka futhi sinanendathane yemiklomelo ezowinwa ngabafundi kanjalo nabo abaculi,” kusho uNkk Khanyile.
Oyisikhulu ophikweni lwezokukhangisa kwiSolezwe, uNksz Phumi Mkhize, ugqugquzele abalandeli bakamaskandi ukuthi bavote ngobuningi babo ukuze nalo mncintiswano ugcine usufike ezingeni elicokeme futhi abaculi nabafundi beSolezwe sebehlafuna kahle.
“Ungaziphuthiseli nawe, yiba yingxenye yalo mncintiswano omkhulu ukuze uzibeke ethubeni lokuziwinela izipho ezinhlobonhlobo ngokuvotela umculi omthandayo.
“Ngesikhathi sawo umncintiswano kuyoklonyeliswa ngezipho masontonke kuze kube uyaphela. Imbila yaswela umsila ngokuyalezela, thenga iSolezwe lakho nsuku zonke ukuthola imininingwane egcwele ngalo mncintiswano.”
Ukuvotela laba baculi
uthumela i-SMS ebhalwe ukuthi ISO Maskandi nenamba yomculi omvotelayo ku: 33258, negama nesibongo sakho, kanti i-SMS ibiza uR1.50 ngayinye.
Njalo ngoLwezithathu kuzolokhu kuvezwa ukuthi yibaphi abaculi abahamba phambili nabasemsileni.
Nalu uhlu lwabaculi abazovotelwa:
1. Osaziwayo, 2. Mroza Fakude,
3. Mjikijelwa, 4. Igcokama Elisha, 5. Igeza LakwaMgube, 6. Amageza Amahle, 7. Buselaphi, 8. Boneni, 9. Uglama Kamaskandi, 10. Abafana BakaMgqumeni, 11. Dlubheke, 12. Jaiva Zimnike, 13. Thokozani Langa, 14. Indodakazi Yentandane, 15. Vumile Mngoma, 16. Imfezemnyama, 17. Mkhathazi, 18. Shwi nomtekhala, 19. Mdumazi, 20. Khuzani, 21. Qhoshangokwenzakwakhe, 22. Bahubhe, 23. Ithwasa Lekhansela, 24. Osukasambe, 25. Ngelo V, 26. Imithente, 27. Govozile, 28. Cevuzile, 29. Magic Voice, 30. Izingane Zoma.