Ayikho into engaphendulwa ihlaya ezinkundleni zokuxhumana kamuva nje kuleli.
Kuleli sonto, uMampintsha noBabes Wodumo bazidonsele amanzi ngomsele ngesikhathi befaka amavideo ku-Instagram bekhalaza ngokungawini kukaBabes.
Kwi-video kaMampintsha, lo mculi ozakhele igama kwiBig Nuz uzwakala echapha inhlamba ekhalaza ngokuba nomona kwabantu abangafuni ukubona iGqom Queen, uBabes Wodumo, iwina indondo kuma South African Music Awards. UBabes kweyakhe usola abantu 'ngokuthenga' izindondo kulo mcimbi.
Noma abantu abaningi bebevumelana noMampintsha noBabes, kushaye uLwesibili isiphendulwe ihlaya le ndaba abantu bezenzela amavideo afana nawabo bekhalaza ngezinto ezihluka hlukene.
Abanye bazwakala bekhalaza ngokuthengwa kwamaphepha ezivivinyo eNyuvesi njengoba kubhalwa, abanye bakhala ngokungawatholi amaBlesser bethi 'kuyacaca ayathengwa nawo'. Angazibukela amavideo ngezansi:
(Isexwayiso: amanye amavideo kungenzeka abe nenhlamba)
#MampintshaChallenge RT for awareness 😂😂😂 pic.twitter.com/GEJijMk6Kk
— NDUMI (@Ndumi_dladla) May 30, 2017
Taking the Next flight to Anywhere,I'm leaving South Africa 😂🙆🏾♂️😂🙆🏾♂️ #MampintshaChallenge #BlackTwitter pic.twitter.com/ZUpmaWOKmP
— Mdevah★ (@DavidTselana) May 30, 2017
#MampintshaChallenge This is a serious matter 😂😂😂😂 #BabesChallenge pic.twitter.com/FxTjyJlM2L
— soulistic_Virgo (@slindi_simelane) May 30, 2017
Ninomona starter pack pic.twitter.com/yr8ACWtH3u
— R O Y A L T Y 💫 (@NomceboRandyNk) May 30, 2017
#MampintshaChallenge too much 🔥🔥🔥 pic.twitter.com/XTuSDnQOWa
— FitGuru®™ (@ItsBonkosi) May 30, 2017