NJENGOBA sanda isidingo semfundo ephakeme nezikhungo zokufundisa amakhono zincipha baningi abafundi abangena ogibeni lwamakolishi angombombayi.
La makolishi asabalala emadolobheni amakhulu aqola abantu abasuke behluphekela imfundo izizumbulu zemali.
Uthola ikolishi libiza u-R28 000 ngonyaka, imali othola ukuthi emanyuvesi nasemakolishi obuchwepheshe leyo mali ayifiki nakancane.
Labo somathuba bosomabhizinisi babona intuba bese beqola abafundi.
Siyancomeka isinyathelo somnyango wemfundo ephakeme sokusukumela lolu daba lwalabo qhibukhowe bamakolishi.
Kulo nyaka angu-16 amakolishi aphenywayo kuleli. KwaZulu-Natal ngeledlule kuvalwe amabili abeqola abafundi. Amanye awo la makolishi abhalisiwe nawo umnyango. Kodwa uthola ukuthi afundisa ezinye izifundo ezingabhalisiwe njengokuthi bavumbuke sebenzisa izifundo zasolwandle ekubeni babhalise ukuthi banezifundo zokucwaningwa kwamabhuku.
Lokhu akulungile ngoba umfundi uphothula iziqu angakwazi nokuthola umsebenzi, angisayiphathi ke eyeziqu usuke edlale ngemali yabazali bakhe. Abomnyango wemfundo bagqugquzela abafundi ukuthi okungenani abaye emakolishi amakhono aziwa ngama-Technical and Vocation Education and Training akhona cishe kuwona wonke amalokishi nasezindaweni zasemakhaya. Vele esikhathini samanje umnotho udinga amakhono ahlukahlukene ngenxa yokugqoza kwamathuba emisebenzi. Namanyuvesi ambalwa kakhulu ezweni, eKZN mahlanu kuphela ekubeni bengaphezulu kuka-150 000 abafundi ababhala umatric njalo ngonyaka.
Umphakathi awuwaxwaye la makolishi ngokuthi uqale ubheke nomnyango ukuthi ngabe abhalisiwe yini.
Umfundi akangajahi ukuyofunda endaweni ayibona kahle ukuthi iyihlathi bese ekugcineni ekhala ngokuthi uqoliwe.
Uma uqoliwe unganikela emaphoyiseni uvule icala ukuze leli kolishi liphenywe. Nomnyango uvula icala bese lelo kolishi ligcina ngokuvalwa. Abomnyango bathe abanikazi bala makolishi bayavala edolobheni elithile baphinde bayovula elinye kwenye indawo.
Kuyilungelo lakho ngaphambi kokukhokha ukuthi ucele ukubona isitifiketi sokubhaliswa kwekolishi kanjalo nemikhakha ebhalisiwe bese uthinta umnyango ubheke ubuqiniso balokho. Alikho icala ekwenzeni uphenyo ngesikhungo ozobhalisa kuzo ukugwema ukukhokhela ize leze.