isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Hy


no ogwiniii

ABASOLWA ngokubulala uSotswebhu we-ANC OGwini okunguMnuz Kwanele Hlongwane noMnuz Dumisani Sikhakhane ngesikhathi bevele enkantolo yaseRamsgate izolo

CELANI SIKHAKHANE

UMSEBENZI kamasipala waseHibiscust Coast ongumsolwa wesibili ecaleni lokubulawa kukaMnuz Wandile Mkhize owayenguSotswebhu we-ANC kulo masipala ugcine eqashe ummeli ozimele ngemuva kwesikhathi eside engayingeni indaba yomuntu ozommela ngoba ethi usadidekile.

UMnuz Kwanele Cedric Hlongwana kuthe izolo wavela enkantolo yaseRamsgate nozakwabo uMnuz Dumisani Sikhakhane abangabakhona oGwini bezolalela okokuqala ukuthi sizoba nini isicelo sabo sebheyili.

UHlongwane nguye obesebambezele ukuqhubeka kwaleli cala ngoba ubehlale eveza ukuthi akazi noma ummeli uyamdinga yini ngoba usadidekile nokuholele ekutheni kuze kuphele isikhathi eside singakaze silalelwe isicelo sabo sebheyili.

IMantshi uNkk Elize Coetzee uthe akukho okuzokwenzeka kodwa njengoba uHlongwane esegcine emqokile ummeli ozimele usenquma ukuthi leli cala lihlehliselwe uDisemba 13.

“Leli cala lizobuya ngoDisemba 13 ukuze nikwazi ukuzofaka isicelo sebheyili ngokusemthethweni,” kusho uNkk Coetzee.

NO KILLER0

ABALANDELI beANC bezolalela ukuqhubeka kwecala labasolwa ngokubulala uWandile Mkhize ISITHOMBE BONGANI MBATHA

UHlongwane umelwe abameli bakwaThandi Sima & Associates kanti uSikhakhane umelwe abammeli bakahulumeni okunguMnuz Ramkisoon onqabile negama lakhe.

Laba baboshwe ngo-Agasti, uHlongwana yena uboshwe esebhace eMlazi ngemuva kophenyo lwamaphoyisa olwaholela ekubanjweni kwakhe okwenzeka ngemuva kwesikhathi esiyinyanga kwashona uMkhize nomngani wakhe owayeyikhansela uNhlakanipho Shabane.

Laba baholi babulawa bebuya engqungqutheleni ka Khongolose yenqubomgomo eyayingoJulayi eGallagher Estate eGoli.

Amalungu kaKhongolose ngesikhathi imantshi ikhipha umyalelo wokuthi leli cala ilihlehlisela uDisemba-13 acasukile abanye bakhala ngokuthi kuyobe kuwusuku abayobe begibela ngalo bebheke eMangaung engqungqutheleni yokukhetha ubuholi .

Ngesikhathi bengena ebhokisini lofakazi akuphelanga ngisho imizuzu emihlanu bakhishwa .

UNobhala we-ANC Ogwini uMnuz Mzwandile Mkhwanazi unxuse abantu ukuthi bangapheli amandla ekutheni bazokweseka umndeni kaMkhize ngoba ubengumuntu obaziwa ukuthi uuwukhathalele kanjani uKhongolose.

“Maqabane esikufunayo ukuthi kugcine kuphume iqiniso lokuthi laba babethunywe ubani kuphele nalento yokuthi kubekhona abantu asebethi kukhona abaholi abathintekayo kodwa abangeke baboshwe ngoba nakhu kulindwe iMangaung,” kusho uMkhwanazi.

Khonamanjalo umsolwa ecaleni lokufa kwabaholi be-ANC basoShabeni uMnuz Alex Mbhele yena kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo yasePort Shepstone ngoJuni 24 wangonyaka ozayo ngoba kukhalwe ngokuthi uyagula.

Leli cala lizohlala izinsuku ezine enkantolo ephakeme yaseScottburgh.


sign up