I-86 eyabashayeli abazaziyo izinto

Comment on this story
no toyota2 REUTERS SEKUBALWA amasonto ukuthi itheleke kuleli iToyota 86 ebizwa nge hot hatch kodwa ethi ayihluke kulawa ajwayelekile. Ngaphakathi igqize ngesikhumba kanti itholakala ngo gearbox ongu 6 speed oshintshwayo

IMOTO: Toyota 86

INANI: R298 500

NGANGIZITSHELA ukuthi ukudlula kwemidlalo yeNdebe yoMhlaba kuleli kusho ukuphela kwezinto ezibeka iNingizimu Afrika ezingeni lomhlaba, kodwa kubukeka imboni yezezimoto ilokhu iqhubekile nokuthokozisa abantu.

Enye yezinkampani engazibekile phansi iToyota South Africa Motors imemezele ukufika kwe Toyota 86 kuleli.

Kulindeleke ukuthi lena esesigabeni esiphansi iqale ukubonakala ngenyanga ezayo uJulayi 9, bese kuthi ngokuhamba kwenyanga kwa Toyota baphinde bathule izinhlobo ezimbili ezithe thuthu ngezinga.

Ihlukile le moto yakwaToyota ngoba izophuma nezicabha ezimbili kanti iwuhlobo lwe sporty kodwa inani layo eliphansi kakhulu.

no toyota1

Abantu abakhonze izimoto ezingama-hatch kodwa ababalekela lolu hlobo oseludume kakhulu, lena imoto eseceleni ehlukile abangakwazi ukuziqhasabula ngayo.

Kulezi zinhlobo ezisezingeni eliphezulu kukhona eshintshwayo imanual bese kuba khona ezishintshayo ephuma no gearbox ongu 6 speed. Lo gearbox uyakwazi ukuthi uphinde uwushintshe esiteringini.

Le moto isebenzisa iSmart Start okusho ukuthi uma uyidumisa uchofoza nje ibhathini kodwa kumele njalo ukhiye osebenza njengesensa ube kuwena emzimbeni.

Ngaphakathi iyisikhumba kusuka phansi kuya phezulu, kanti iphuma ne automatic climate control namasondo angu 17 inch.

Noma sike sakuvezela ukuthi lena esesigabeni esiphansi izobiza malini, kodwa Toyota bathi i-86 ethe thuthu ngezinga izobiza u R329 400 bese kuthi iHigh Speed Auto yona ibize R346 500. Zonke izinhlobo zizophuma ne service plan yeminyaka emine emuva kuka 60 000km. Njengoba ngike ngachaza ngesonto eledlule ngikhuluma ngokusebenzisana kwezinkampani zezimoto, bheka nje ngoba le 86 iphuma nenjini esanda kwakhiwa yeSubaru engu 2.0 litre, four cylinder eyi Direct Injection esebenzisa upetrol. Le njini inamandla finyelela ku 147kW kanye ne torque engu 205Nm.

Ngokusho kwesikhulu esiphezulu sezokuxhumana kwa Toyota uKerry Roodt i-86 akuyona nje imoto eyejwayelekile, kodwa ikhombisa indlela entsha ethathwa abakwaToyota. Uqhuba uthi imoto akuhlukile nokuthi yakhelwe ukubhekana ngqo nezidingo zomshayeli. Uthi le moto eyabantu abathatha ukushayela njengento abayizwa ngaphakathi kunalabo abakubona ukushayela kuyinto umuntu okumele ayenze.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.